EzosaziwayoIzindaba

Owaduma kuGenerations unqobe impi yokuthola amaphepha amgunyaza ukuba kuleli

ISIHLABANI sikamabonakude esagqama emdlalweni owuchungechunge i-Generations, uPamela Nomvete, ugcine eyinqobile impi yokuthola amaphepha amgunyaza ukuba isakhamuzi saseNingizimu Afrika emuva kwesikhathi eside kungalungi.

UPamela onobuzwe emazweni amabili ubonge bonke abantu abamsizile ukuze kulunge lenkinga abeseyilwe isikhathi eside futhi abesiholele ekuthini angayitholi i-passport yaseNingizimu Afrika.

“Ngiyabonga bangani bami ngokungeseka. Impi yokuthola i-passport yaseNingizimu Afrika igcine inqotshiwe! Lena bekuyindlela ende yokulungisa into ewubala nje. Abantu bakuleli abanobuzwe obubili akumele bajeziswe ngezinto ezinzima abangazazi eziholele esimeni abakuso”, ubhale kanje ku-Instagram.

Uthe lokhu kuchaza ukuthi iziphathimandla zigcine zimuzwile.

“Usizwile umnyango wezasekhaya eNingizimu Afrika, futhi lokhu kumele kuqale ingxoxo ezingeni likahulumeni yokubuyekeza lomthetho okucacayo ukuthi unezinkinga”, kusho yena.

Ugqugquzele abantu ukuthi beqhubeke nokulwela amalungelo abo.

“Lokhu kuyisiqinisekiso sokuthi uma singawasukumeli thina amalungelo ethu akekho ozosisukumela”, kusho uPamela.

Uveze ngoNcwaba kuwo lonyaka ukuthi unenkinga yokuvuselela i-passport yakuleli. Uthe utshelwe ukuthi kalethe imininingwane angenayo yabazali bakhe, kuhlanganisa izitifiketi zokuzalwa kwabo kanye nomazisi babo.

“Bengilokhu ngitshelwa njalo ukuthi angiveze ubufakazi bokuthi ngingowakuleli, ngiphinde ngilethe imininingwane engingenayo yabazali, okuhlanganisa izitifiketi zokuzalwa kwabo kanye nomazisi babo. Abazali bami balele kobandayo manje, angikwazi ukuthola imininingwane yabo”, kusho yena.

Uthe nango-1994 yenzeka into efana nale.

Lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni eminingi kuleli okubalwa i-Lockdown, Gand of London, ne Behind The Bagde uzalwe e-Ethiopia abazali baseNingizimu Afrika. Ube esethola ubuzwe bakuleli ngo-1994 ngesikhathi ezovota okokuqala kuhulumeni wentando yeningi. Uphinde futhi abe nobuzwe base-Britain okuyizwe achithe kulo isikhathi eside futhi umsebenzi wokulingisa uwuqale kulo.

Kuthe ngoNcwaba wabhala ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi unenkinga yokuvuselela i-passport yaseNingizimu Afrika emuva kokuphelelwa kwayo isikhathi nokumenza angabe esakwazi ukungena kuleli. Uthe bekulokhu kuthiwa akalethe ubufakazi bokuthi ungowakuleli kuhlanganisa izitifiketi zokuzalwa kwabazali bakhe kanye nomazisi babo. Into abengenayo.

Ukubhala kwakhe ezinkundleni zokuxhumana kumsize kakhulu njengoba abantu abaningi besukumile bayilwa naye lempi agcine eyinqobile.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com