EZISEMATHENI

Kukhwele iziqu emaphoyiseni kamasipala waseThekwini

AMAPHOYISA ayisishiyagalombili (8) kamasipala waseThekwini anyuselwe ezikhundleni eziphezulu zalombutho ngoLwesine. Phakathi kwawo amane (4) aqokelwe kwesobu-Brigadier kwathi amanye amane aqokelwa kwesobu-Lieutenant Colonel.

Lamaphoyisa agcotshwe ukhomishani Sibonelo Mchunu okunguye oqinisekise ukuthi laba banyuselwa kulezi zikhundla emuva kokusebenzela umbutho wamaphoyisa kamasipala ngokuzinikela nangobuqotho.

Ekhuluma emcimbini wokugcotshwa kwalamaphoyisa uMchunu uthe ugcizelele ekutheni ubuholi kufanele bubonakale, kufinyeleleke kubo, kubike futhi buzinikele ekusekeni amalungu ombutho amazing emazingeni aphansi.

“Labaphathi abaqokwe kulezi zikhundla namuhla kufanele behole ngobuqotho, ukuzinikela nangokwezinga eliphezulu ukuqinisekisa ukuthi amalungu ethu aphansi ababuka njengabantu abangaxoxa nabo uma bedinga ukuboniswa, ukululekwa nosizo”, kusho yena.

Esithombeni: Ubuholi bamaphoyisa kamasipala waseThekwini

Uthe ubuholi obusha buzoqinisa umbutho wabo ekwenzeni umsebenzi onezinhlaka ezintathu (3); Ukulawula okwenzeka emgwaqeni, ukuqinisekisa ukugcinwa kwemithetho kamasipala kanye nokuvikela ubugebengu. “Buzophinde buqinisekise uzinzo emsebenzini njengoba siqhubeka nokuguqula umbutho wamaphoyisa aseThekwini ukuba ube sezingeni lomhlaba wonke”, kusho uMchunu.

Uphethe ngokubongela bonke abaqokiwe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com