Izigebengu zibabamba inkunzi emakhaya abathole imali yokudilizwa eGoodyear
UMBANGO ngesamba semali yempesheni obekufanele itholwe abasebenzi bakwa-Goodyear okugcine kubikwa kakhulu ngawo kwabezindaba kusolwa ukuthi iwona owenze izigebengu zalulandela lolu daba.
Lenkampani kuthe ngoNcwaba yadiliza abasebenzi abangu-907 efemini yayo eseKariega e-Eastern Cape yase ibanxephezela ngemali ephakathi kuka-R200 000 kubasebenzi abaneminyaka emihlanu kuya phansi, kube u-R500 000 kuya ku-R1 million kubasebenzi abaneminyaka emihlanu kuya phezulu.
Ngaphezu kwalokho baholelwe imiholo kaNcwaba banikwa namabhonasi onyaka.
Kusuka bekhokhelwe lemali, amaphoyisa athi abasebenzi abaningi babanjwa inkunzi emakhaya abo kwaNobuhle nakwezinye izingxenye ezise-Nelson Mandela Bay. Bezifike zibashaye futhi zibaphoqa ukuthi bakhiphe imali kuma-account abo bayithumele kwawazo. Kokunye zithi abenze ama-eWallet ngomakhalekhwini.
Omunye umsebenzi zithe mazimhlasela wala ukwenza umyalelo wazo, zamdubula waphuthunyiswa esibhedlela. UMKHAYA uthole ukuthi bane (4) abantu asebebulewe ngenxa yalokhu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni i-Eastern Cape, u-Lt. Col. Siphokazi Mawisa uthe sebehlanganise onke amadokodo amacala enzeka kuleya ndawo base besungula ithimba eliyisipesheli elisebenza lobu gebengu. Uthe awekho amacala abikiwe selokhu liqalile ukusebenza ithimba labo.

