Izindaba

“Unogada” kaSibiya uvulela u-Gen. Khumalo icala

U-STUART James Scharnick oyisethenjwa sobeyisekela lomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, u-Lt. Gen. Shadrack Sibiya usesabise ngokuvulela icala inhloko yezobunhloli kuleli, u-Gen. Dumisani Khumalo ngokumehlisa isithunzi.

Lokhu ukusho ngoLwesithathu ekuseni emuva kokuba uKhumalo egeqe amagula ethula ubufakazi kuMadlanga Commission edalula ubudlelwane benkohlakalo phakathi kuka-Scharnick noSibiya futhi [uKhumalo] uphinde waveza ukuthi [u-Scharnick] uke waboshwa ngamacala ayishumi nesishiyagalombili (18).

UKhumalo obize u-Scharnick ngonogada kaSibiya, utshele ikhomishani ngoLwesibili, mhlaka-4 Lwezi (November) ukuthi imoto emhlophe eyi-Toyota Hilux ebivame ukusetshenziswa uSibiya ibibhalise ngaphansi kwegama lika-Scharnick. Uphinde watshela ikhomishani ukuthi u-Scharnick uke waboshwa ngamacala angu-18 okuphanga nokuntshontsha izimoto KwaZulu-Natal.

U-Scharnick ubedinwe eveva ekhuluma nezintatheli, esola uKhumalo ngokudukisa ikhomishani nangokumehlisa isithunzi. Uvumile ukuthi useke waboshwa kodwa wagcizelela ukuthi lawo macala asuka ecaleni elilodwa lemoto elenzeka kudala. “Ngaboshwa ngalawo macala. Ngasidonsa isigwebo sami futhi ngayikhokha nenhlawulo”, kusho yena.

Uphikile futhi ukuthi ungunogada kaSibiya, egcizelela ukuthi akakaze asebenze embonini yonogada. Uthe yena noSibiya bake basebenzisana ohlelweni lokuphepha komphakathi e-Richards Bay futhi uboleke uSibiya imoto engangenwa nhlamvu eyi-Hilux ukuze avikeleke ngesikhathi uhlelo lokuphepha kwakhe luhoxiswa.

Ugxeke uKhumalo ngokuzama ukumnyundela ngaphambi kokuthi afakaze, egcizelela ukuthi lolu udweshu lwangaphakathi emaphoyiseni.

Lokhu okuvezwe u-Scharnick kwengeza amaphuzu amasha okumele abhekwe eduze ilekhomishane kaMadlanga ehleli ePitoli.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com