Izindaba

ULongwe Thwala uzophoqwa ukuzofakaza ngokuthinteka kwakhe ekubulaweni kukaMeyiwa

INKANTOLO, i-Pretoria High Court isiphakamise ukuthi uLongwe Twala, oyindodana yomdidiyeli womculo ohlonishwayo kuleli, uSello “Chicco” Twala, aphoqwe ukuthi azofakaza enkantolo ukuze achaze ngokuthinteka kwakhe esigamekweni sokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

IJaji uRatha Mokgoatlheng wenze lesi siphakamiso ngemuva kokuthi ummeli wabasolwa ecele ukuba uTwala abizwe ukuze azocacisa ngokuvela kwakhe ku-video yesiteshi sikamabonakude i-eNCA emkhombisa ehamba sakuqhuga ngosuku olulandela okwadutshulwa ngalo uMeyiwa emzini kaKelly Khumalo eVosloorus ngo-2014.

Umbuso ubuze ukuthi ngabe ukuhamba kukaTwala kuyahambisana yini nomuntu okusolwa ukuthi uzidubule eqakaleni, okuyisimangalo esabekwa ummeli kammangalelwa ongasekho uThulani Mngomezulu.

Okunye okulindeleke ukuba achaze ngakho, izinsolo zokuthi uyena owafika nesibhamu i.38 Special Revolver okuyiso abameli babasolwa abathi wadubula ngaso uMeyiwa.

IJaji uMokgoatlheng ukuqinisekisile ukuthi ummeli wabasolwa angase afake isicelo sokuthi uTwala abizwe ukuba azofakaza nokuyinto inkantolo ezoyigunyaza.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com