Abanemibuzo ngomgcagco weSilo “ophuthumayo” bazophendulwa emasontweni amabili ezayo
SEKUQUBULE imibuzo eminingi ukwaziswa isigubhukane kwesizwe samaZulu ngomgcagco weSilo, uMisuzulu kaZwelithini nondlunkulu uNomzamo Masesi Myeni waseJozini ozoba khona namuhla [ngeSonto] esigodlweni kwaKhangelamankengane.
Nokho yonke leyo mibuzo kudalulwe ukuthi izoze iphendulwe emasontweni amabili ezayo.
Lokhu kuvele esitatimendeni esifushane esifundwe uMntwana Gibizizwe KaNqadulana kaSolomoni kaDinuzulu ngeSonto ngesikhathi ememezela umgcagco weSilo.
Kuningi okudidayo ngalo mgcagco weSilo njengoba okhulumela indlunkulu uMntwana Thulani Zulu evezele abezindaba ukuthi kanalwazi ngomshado okukhulunywa ngawo. Kwenzeka konke lokho nje, uMntwana Gibizizwe ubekade enze isimemezelo phakathi nesonto sokuthi iSilo sizokhehla yena undlunkulu uMaMyeni ngoMgqibelo okuwumcimbi owenzeke ngempumelelo nakuba kunabantwana basendlunkulu abebewuchitha.
“Kulolu suku lwanamhlanje, nibingelelwa uMntwana uGibizizwe KaNqadulana kaSolomoni kaDinuzulu kaCetshwayo kaMpande. Ngilapha nje ngize ukuzoshiya isaziso esiqhamuka endlunkulu nasebukhosini bakwaZulu, ukuthi uZulu wonke ngiwazise ukuthi iSilo samabandla esisesihlalweni, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini uyobe egcagcelwa undlunkulu uNomzamo Masesi Myeni ozalwa uThembeni Nxumalo noMaseveni Myeni, oqhamuka eJozini eMakhonyeni.
“Umgcagco uyobe usesigodlweni mhlaka-9 Lwezi (November) 2025 esigodlweni kwaKhangelamankengane.
“UZulu uyamenywa wonke ngothi lwawo ukuthi uzobe uzobusisa lomgcagco.
“Ngakho-ke abafuna ukuba nemibuzo noma ama-interviews kuyaceleka ukuthi emva kwamasonto amabili ezayo bakhululekile ukuthi beze kuzokwenziwa leyo mbuzo yabo bathole izimpendulo. Siyathokoza”, kusho uMntwana Gibizizwe Zulu.

