Usizi umnyango usebenzisa u-R210 million ekudleni nasekuhambeni kube kufa ingqalasizinda emakolishi
ABANTU bakuleli abazamukeli kahle izindaba zokuthi umnyango wemfundo ephakeme usebenzise imali engu-R210 million ngezindleko zokuhamba, ukuqasha izindawo nokudla kodwa kube kufa ingqalasizinda emakolishi awo.
Kubikwa ukuthi enye imali engu-R145 million ithathwe esikhwameni esibhekene ngqo namakolishi.
Okukhalisa kakhulu abantu bakuleli ukuthi lokhu kwenzeka yize abafundi bethwele kanzima ngokuxhosa uxhaso futhi ingqalasizinda emakolishi ife yaphela.
UMKHAYA uxoxe nomunye umsebenzi okwelinye lamakolishi aseMfolozi othe isimo sinzima kangangokuthi ekolishi asebenza kulo akusekho ngisho izimoto ngenxa yokudunguzela komnyango.
Abasebenzi ababalelwa ngaphezu kwama-400 bashiyile emakolishi ngenxa yezinkinga ezidalwa ukuphatha okusezingeni eliphansi.
Kubhekwe ungqongqoshe omusha walo mnyango, uMnuz. Buti Manamela ukuthi alungise isimo esibhekene namakolishi.

