EZISEMATHENIIzindaba

“UMbalula waxoxa nenkabi ngaphambi kokubulawa kukaBozwana ayemkweleta u-R1 million” – Mogotsi

KUSINDA owabaleka – kushiwo njalo uma itshe limi ngothi njengoba kwenzeka ku-ANC lapho abaholi bayo bechaphazeleka usuku nosuku ebugebengwini obuhlazimulisa igazi.

Kulokhu zikhala kunobhala jikelele we-ANC, uMnuz. Fikile Mbalula.

NgoMsombuluko i-SABC ibe nengxoxo ekhethekile noMnuz. Brown Mogotsi obegeqa amagula ngobudlelwane bukaMbalula nabantu abangalungile.

UMogotsi igama lakhe elivele kaningi kwiMadlanga Commission futhi osondelene ngongqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke osamisiwe, uMnuz. Senzo Mchunu utshele i-SABC ukuthi uMbalula waya e-Dubai lapho ayetetemuka nenkabi eyayingusomatekisi, uMnuz. Vusi “Khekhe” Mathibela ngaphambi kokuthi ibulale uMnuz. Wandile Bozwana owayengusomabhizinisi.

Ngokusho kukaMogotsi uMbalula waboleka imali engu-R1 million kuBozwana, angakayikhokhi kulo mndeni kuze kube namuhla.

UMathibela ugcine egwetshwe iminyaka engamashumi amathathu (30) etholoza ejele ngecala lokubulala uBozwana nabanye abantu.

UMogotsi uqhubekile watshela i-SABC ukuthi unkosikazi kaMbalula uyazitamuzela ama-tender kuhulumeni wase-Free State.

Esithombeni: U-Brian Mogotsi

Uthe impilo entofontofo kaMbalula kuhlanganisa nokutetemuka ngomcimbi we-ANC obizwa nge-January 8 owawuse-Cape Town wayefakwe imali emaphaketheni owangaphandle kwakuleli ozitamuzela ama-tender kuhulumeni wakuleli.

Kwasuka igidigidi uMbalula efika ngesikebhe esibizayo e-Robben Island, engahambi nozakwabo be-ANC ngesikhathi kuqhubeka i-January 8.

Uthe kungamanga ukuthi ubulungu bakhe ku-ANC sebuphelelwe isikhathi njengoba kuke kwasho uMbalula enze isithangami sabezindaba.

UMogotsi usolwa ngokuxhumanisa uMchunu negunundu lezigebengu kuhlanganisa noVusumuzi “Cat” Matlala.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com