Izindaba

UMalema usephakamise ukuthi kuxoshwe umholi wobufakazi ekomitini eliphenya izinsolo ezenziwa uMkhwanazi ngoMchunu

IPHAZAMISEKILE imizuzu yokuqala yokuhlala kwekomiti lesikhashana lephalamende eliphenya izinsolo ezenziwa umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ngongqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe, uMnuz. Senzo Mchunu.

Lokhu kudalwe impikiswano edalwa iphutha okusolwa ukuthi lenziwe u-Advocate Norman Arendse ohola ubufakazi kuleli komiti.

Umholi we-EFF, uMnuz. Julius Malema ukhala ngokuthi isitatimende esilethwe uKhwanazi ekomitini siyefana nasiyise kwiMadlanga Commission, ngalokho akasoli yena uMkhwanazi kodwa usola u-Adv. Arendse ngokungenzi isitatimende esiqondiswe ngqo ekomitini lesikhashana.

UMalema uthe isitatimende esibhekiswe ekomitini asibhalwe kucace ukuthi esalo futhi singabi nemibhalo eyakha isithombe sokuthi siwumfuziselo weseMadlanga Commission

Nokho ngokusho kuka-Advocate Arendse babe nesikhathi esincane ukuzilungiselela. Amalungu amabili e-MK Party nele-IFP avumelane noMalema ekutheni kunephutha elenziwe. Lamalungu acele usihlalo wekomiti ukuthi akumise isikhashana imizuzu eyishumi nanhlanu (15) ukuhlala kwalo kube kulungiswa iphutha.

UMalema ube esephakamisa ukuthi axoshwe u-Advocate Arendse ngokuhluleka ukwenza umsebenzi nokudelela ikomiti.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com