Izindaba

Kudutshulwe kwafa umholi womphakathi wase-Alexandra ehamba nomngani wakhe

UMHOLI womphakathi ophinde abe ngusomabhizinisi elokishini lase-Alexandria Egoli, uMnuz. Vincent “Vinny” Ndima udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu esemotweni yakhe ngezintatha zangoMsombuluko.

Lesigameko senzeke uNdima ehamba nomngani wakhe emgwaqeni u-13th Avenue.

Ngokusho kwabazibonele kuqhamuke oshayasbhamu abangaziwa badedela intululwane yezinhlamvu bebhekise emotweni kaNdima.

Esithombeni: UMnuz. Vincent “Vinny” Ndima

Umngani kaNdima uzamile ukudubula abasolwa kodwa ngeshwa bakwazile ukubaleka. UNdima ushone ujuqu, kwathi umngani wakhe yena baphuthunyiswa esibhedlela.

Kutholakale amagobolonde abalelwa ku-40 endaweni yesigameko.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com