Izidubule yafa indoda iqeda kubulala ishende lomkayo ibafica bezijabulisa emzini wayo ngempelasonto
USATHUKILE umphakathi waseMatshamuhinkanu, eLulekani emuva kwesehlakalo esenzeke ngoMgqibelo, mhlaka-4 Mfumfu (October) 2025 lapho indoda izidubule yafa emuva kokudubula kufe ishende lomkayo ngesikhathi ibafica bezijabulisa ngocansi emzini wayo.
Ngokombiko esinawo, lendoda eneminyaka engamashumi amathathu nesithupha (36) ifike emzini wayo yathola umkayo elele neshende elineminyaka engamashumi amathathu (30) ngawo uMgqibelo ngabo-05:00 ekuseni.
Kusolwa ukuthi leli shende belivele lithanda nonkosikazi wale ndoda.
Ngesikhathi umyeni wakhe ebafica, kazange abuze mbuzo uvele wadubula ebhekise kulo ishende kodwa umkakhe wangamenza lutho.
Usuke lapho waya ekhaya okuhlala kulo unina nokuyilapho ezidubule khona wafa ujuqu.
Amaphoyisa asaphenya amacala amabili okubulala ukuthola ukuthi ngabe yini eholele kulesigameko.

