EZEMFUNDOIzindaba

Usizi ama-EA’s nama-GEA’s engaholi ngo-September ngenxa yombango weminyango kahulumeni we-GNU

NJENGOBA kuphele inyanga kaMandulo (September) abasizi bothisha nabasezikoleni ababizwa ngama-Educator Assistant nama-General Education Assistant (EA’s & GEA’s) bebelindele ukuhola becoshacoshe izinto zasemakhaya futhi bezijabulise njengabo bonke abantu abasebenzayo kodwa kwangenzeka.

Lokhu kudalwe isixakaxaka sombango ophakathi komnyango wemfundo eyisisekelo nowezokuqashwa nokusebenza kuzwelonke.

Umnyango wezokuqashwa ukhiphe isitatimende ngoMgqibelo, mhlaka-4 Mandulo (September) uchitha izinsolo zokuthi iwona obambezela ukuthi kukhokhelwe ama-EA’s nama-GEA’s.

Kulesitatimende lomnyango uthe usamile esivumelwaneni esibizwa nge-Service Level Agreement esiphakathi komnyango wemfundo eyisisekelo ne-Industrial Development Corporation (IDC) futhi uyalweseka lolu hlelo olunika abantu abasha amathuba emisebenzi.

Uthi uhlelo lokuholelwa kwama-EA’s nama-GEA’s lulawulwa i-Multiparty Funding Agreement (MFA) efaka phakathi ne-Unemployment Insurance Fund (UIF) ephoqa ukuthi kulandelwe imibandela ethile ngaphambi kokuthi kuholelwe abasebenzi.

“Isigaba 6.6.3 nesigaba 7.1 se-MFA siphoqa ukuthi kuqinisekiswe ukuthi onke ama-attendance register alethiwe futhi ahlolwa. Lokhu kuqinisekisa ukuthi konke kwenziwa obala futhi izimali zikahulumeni zisetshenziswa kahle”, kusho isitatimende somnyango wezokuqasha nokusebenza.

Isitatimende siqhubeke sathi umnyango kusukela ngoNhlangulana (June) 2025 ukhiphe imali engu-R1 956 500 000 ukukhokhela abasebenzi abangu-158 000 abasezikoleni ezingu-20 000.

“Ngeshwa ngoMandulo umnyango wemfundo eyisisekelo awuyilethanga ngesikhathi imininingwane yabasebenzi okuhlanganisa nama-attendance register”, kusho isitatimende somnyango.

“Ungqongqoshe (Makhosazane Meth) uthanda ukuqinisekisa ama-EA’s nama-GEA’s ukuthi umnyango ukulungele ukuwakhokhela, uma usuthole ama-attendance register emnyangweni wemfundo eyisisekelo. Ukuqikelela ukuthi silandela umthetho obekiwe wokuphathwa kwezimali zomphakathi angeke siqophisane nezibopho zesivumelwane esisayiniwe nokuhlinzekwa i-Public Funds Management Act (PFMA).

Ngakolunye uhlangothi ungqongqoshe wemfundo eyisisekelo kuzwelonke, uNks. Siviwe Gwarube uvikele umnyango wakhe wathi akulo iqiniso ukuthi umnyango wakhe awuyilethile yonke imininingwane edingekayo.

“Ukukhokhelwa kwama-EA’s nama-GEA’s akuwona umsebenzi womnyango wemfundo eyisisekelo kodwa owezokuqasha nokusebenza.

“Umnyango wemfundo eyisisekelo wenze konke okudingekayo futhi wahambisa yonke imininingwane efanele ukuze ama-EA’s nama-GEA’s akhokhelwe ngesikhathi”, kusho uGwarube egcizelela ukuthi umsebenzi walaba ubalulekile ezikoleni.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com