EZEMFUNDOIzindaba

Ufike ngonyanyavu lwemoto ebiza R2.4 M ku-matric dance obehlanganisa imali yayo edayisa uswidi ka-R2

UFIKE ngonyanyavu lwemoto yohlobo oluphambili, u-Rudolph Lekay wase-Cape owenza u-Grade 12 e-Mitchells Plain High School ngesikhathi kunomcimbi we-matric dance e-Skilpadvlei Wine Farm ngoLwesihlanu.

U-Rudolph udume kakhulu ekuqaleni konyaka ngesikhathi kusabalala i-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana edayisa uswidi ngo-R2 edolobheni e-Cape Town ethi uhlanganisela ukuya kwi-matric dance.

Baningi abathintekile ngesenzo kuhlanganisa iziko lezindaba i-News24, evele yanikela ngokumzamela unyayavu lwemoto, iPorche Panamera 4 ebiza R2.4 million olumthwale umcimbi wonke waze waphela.

Isitolo esidayisa ukudla esise-Kenilworth, i-Salt Catering simxhase ngesidlo esiyisipesheli ebesihlelelwe yena nomndeni wakhe ekhaya lakubo ngaphambi kokuphuma aye kwi-matric dance.

“Ngesikhathi sibona udaba luka-Rudolph ku-Tiktok edayisa uswidi edolobheni…ngatshela u-Karin nomphathi wethu ukuthi kumele simsize lomntwana”, kusho u-Getrude Smith ongumpheki e-Salt Catering.

U-Smith no Karen van Noie ibona abaphekele umndeni ka-Rudolph ukudla okuconsisa amathe.

Isiteshi somsakazo, i-Heart FM sinikele ngokutholela u-Rudolph umthwebuli wezithombe owaziwayo, u-Pauline we-Pauline Photo Scoop, othwebule izithombe kusuka esasekhaya waze wafika emcimbini we-matric dance.

U-Rudolph kuphele umcimbi wangayilinda i-after party waqonda ekhaya ukuyojabula nomndeni wakhe emzini wakubo ose-Beacon Valley.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com