EZEMIDLALOIzindaba

Owayengumengameli we-SAFA uthi owokuqeqesha iBafana awunikwe uMkhalele

NJENGOBA sekusondele isikhathi sokuthi abeke phansi izintambo kuBafana Bafana umqeqeshi uHugo Broos, owayengumengameli we-SAFA u-Kirsten Nematandani usephakamise igama lika-Helman Mkhalele njengokumele athathe izintambo.

U-Broos usekusho kaningi ukuthi uzimisele ngokushiya ukuqeqesha emuva kwemidlalo yamanqaba endebe yomhlaba yango-2026. Lomqeqeshi ungowokuqala kuleli qembu lesizwe ukuhlala eside futhi selokhu efikile iqembu lenza kahle kakhulu. IBafana ibuyelwe ukuthenjwa eyake yaba nakho eminyakeni edlule.

Ihlale endaweni yesithathu emidlalweni ye-Africa Cup of Nations ebise-Ivory Coast ngonyaka odlule futhi isethubeni elikahle lokungena kowamanqamu endebe yomhlaba okuyinto eyayigcina ngo-2022. Lokhu kwenzeka nje isanda kuphucwa amaphuzu amathathu ngokudlalisa uTeboho Mokoena kungafanele kudlalwa neLesotho ngoNdasa ngonyaka odlule.

UNematandani uzwakalise ukuthi uyayilandela indlela u-Broos asebenza ngayo futhi uchazekile ngenqubekela phambili ekhona ngaphansi kwakhe.

“Kumnandi ukubabuka bedlala. Kuyathokozisa ukubona inqubekela phambili asebeyenzile kuhlanganisa namaqembu amancane. Amaqembu amancane ayinkombandlela ekutshela ukuthi likuphatheleni ikusasa. Sibonga uNkulunkulu nge-Diski Challenge. Inkundla enhle yokulungiselela abadlali abasebancane. Uma bedlulela ezigabeni ezinkulu emaqenjini abo, sebekahle”, kusho uNematendani.

“Sinomqeqeshi omuhle kakhulu. Akahlalele udumo. Uqoka abadlali abakufanele ukudlala ngaleso sikhathi. Unesekela mqeqeshi (esho uMkhalele), lokho kimi kuyisisekelo esihle. UMkhalele ukhona nomqeqeshi wonozinti ukhona. Umqeqeshi omkhulu kuphela ozobamba. Ukube bengiyingxenye ye-SAFA, bengizothi u-Bross akakhulise noma ubani ozongena, ikakhulu uMkhalele. Usefunde okuningi. Kungawenza umqondo ukufaka yena.

Esithombeni: U-Helman Mkhalele

“Uma siletha umqeqeshi omusha, naye uzofika nethimba lakhe bese kuqalwa phansi yonke into. Enye indlela engasiza ukwenza u-Brood umqondisi wabaqeqeshi ngaleyondlela ngeke abe nomsebenzi omningi. Into leyo engaphansi kokuba umqeqeshi futhi engenazo izimfuno eziningi”, kusho yena.

IBafana isazodlala imidlalo emibili yokuhlunga neZimbabwe neRwanda. Kufanele iyinqobe yomibili lemidlalo ukuze iqinisekise ukuthi iqeda ihleli esicongweni eqoqweni layo. Njengamanje kuhleli i-Benin eqoqweni E yona esazodlala imidlalo yokugcina yokuhlunga neRwanda neNigeria.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com