Kushone 3 engozini eyantisa igazi ku-N2
KUYAQHUBEKA ukufa kwabantu emigwaqeni yesifundazwe iKwaZulu-Natali nakuba umnyango wezokuthutha uyiqinisa njalo imikhankaso yezokuphepha.
NgoMgqibelo ntambama ngabo-16:19 kunengozi eyenzeke laphaya ku-N2 oPhongolo okushone kuyona abantu abathathu (3).
Kule ngozi kushayisene iloli nemoto encane. Abantu ababili balimele kanzima.
Abezimo eziphuthumayo bafikile kule ndawo ukuzotakula abalimele babaphuthumisa ezibhedlela eziseduze.
I-Road Traffic Inspectorate (RTI) idlulisele indawo yesigameko emaphoyiseni, okuyiwo asezophenya ukuthi ngabe ingozi idalwe yini.
Umnyango wezokuthutha uthe uyiqaphile indaba yamaloli, njengoba ngoLwesithathu kuboshwe abashayeli abayishumi (10) abebengenawo amaphepha okuba kuleli, kanye nabanye abathathu abebengenawo ama-Professional Driving Permit (PrDP).

