UNtuli uxoshe inhloko yomnyango wezokuthutha ebizitamuzela imali yama-tender
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natali, uMnuz. Thami Ntuli kuthe ngoLwesihlanu waxosha inhloko yomnyango wezokuthutha esifundazweni, uMnuz. SJ Mbhele ngokumataniswa nenkohlakalo ye-tender eyadla imali engu-R672 million.
Lokhu undunankulu ubekwenza ngaphansi kohlelo lwakhe lokusukumela izenzo zenkohlakalo nokungahanjiswa kahle kwezinto eminyangweni kahulumeni wesifundazwe.
Lenhloko yomnyango exoshiwe iphenywa ngenye futhi inkontileka yokulungisa umgwaqo eyadla abakhokhi bentela imali engu-R146 million okungaqondakali ukuthi yasebenza kanjani.
UNtuli uthe usebhalele umengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa ukuthi agunyaze i-SIU ukuba iphenye lolu daba.
Uphethe ngokugcizelela kubantu besifundazwe ukuthi akekho umuntu othinteka ezenzweni zenkohlakalo ozovikelwa futhi uhulumeni wakhe uzibophezele ekwenzeni izinto obala.

