EZEMIDLALOIzindaba

U-Andile Mpisane usesayiniswe iMbabane Highlanders AM

NGESIKHATHI unina ka-Andile Mpisane, u-Shawn “MaMkhize” Mkhize ebonakala ematasa nezingxoxo zokuthenga ubunikazi beMbabane Highlanders kwakulindeleke u-Andile amenyezelwe njengomphathi wayo njengoba ubephethe iqembu eselahlakazwa i-Royal AM.

Nokho akubanga njalo kwazise bekusenomsebenzi omningi wamaphepha obekusadinga ukuba ulungiswe.

Muva nje u-Andile ugcine esethuthele Eswatini ukuyoba ingxenye yeqembu eliholwa unina futhi eselishintshe negama kwengezwa isifinqo segama elithi “Andile Mpisane” – AM laba i-Mbabane Highlanders AM F.C.

Ngokwemibiko esinayo u-Andile uzoqhubeka nokuba umdlali aphinde sethimbeni labaphathi beqembu njengoba bekwenzeka kwi-Royal AM.

Abalandeli bakholwa ukuthi ukufika kwakhe kuzoqinisa ukuzethemba kubadlali kuphinde kuhehe abaxhasi, yize abanye bengayizwa kahle indaba yakhe.

Bathi uthola amathuba amahle eqenjini ngoba liphethwe unina.

UMaMkhize wamenyezelwa njengomengameli omusha weMbabane Highlanders AM F.C. ngoNtulikazi nonyaka emcimbini owawubukhazikhazi khoba Eswatini.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com