Kuboshwe indodana kaRobert Mugabe ngokutholakala nezidakamizwa ebiziletha eNingizimu Afrika
IGCINWE esitokisini indodana yowayengumengameli waseZimbabwe, u-Robert Mugabe nomkakhe u-Grace Mugabe ngemuva kokuboshwa enkabeni yedolobha lase-Harare ngamacala okutholakala nezidakamizwa eziyingozi.
U-Robert Tinotenda Mugabe Jr. ongumdlali we-basketball nomsiki wengqephu umiswe amaphoyisa ngabo-8 ebusuku ngesikhathi ehamba ngemoto yakhe i-Honda Fit esilova ku-Second Street Extension khona eHarare.
Aseshe imoto kwatholakala izidakamizwa okusalakala ukuthi ubezozishushumbisela eNingizimu Afrika.
Ngokolwazi esinalo ubesethole ngisho abantu abazomsiza ukuzifaka kuleli ukuze zizodayiswa.
Akukhona okokuqala uMugabe Jr. ephambana nomthetho njengoba ngoNhlolanja (February) 2023 waboshelwa icala lokuphihliza amawindi endlu nemoto walimaza nempahla kanye nephoyisa elalizombopha.
Lelo cala lahoxiswa ngokuhamba kwesikhathi esekhokhe isinxephezelo.

