Umasipala waseMandeni uzokwenza okokuqala ngqa umncintiswano wonobuhle namashama
EMIZAMENI kamasipala waseMandeni yokuzimbandakanya nezinhlelo zokuthuthukisa kwamakhono abantu abasha kanye nokuqinisekisa ukuthi lonke uhlobo lwamaciko luthola ithuba lokuveza amakhono, usuhlele ukwenza okokuqala ngqa umncintiswano ka-Mr & Miss Mandeni wonyaka ka 2025.
Lo mncintiswano uzokwethula ngomhlaka-8 Mfumfu (October) 2025 eSibusisiwe Hall lapho kuzobe kunohlelo lokuhlunga abazowungenela.
Kulindeleke intsha yesifazane neyesilisa ezethembayo futhi eneminyaka ephakathi kuka-16 no 25 ukuba ingxenye yohlelo lokuhlungelwa ukungenela.
Ngokolwazi olukhishwe umasipala waseMandeni ekhasini lawo lika-Facebook kwabazongenela asifuneki isipiliyoni sokumodela.

Esithombeni: Isikhangiso sikamasipala sokwazisa ngomncintiswano ka-Mr & Miss Mandeni
Abazofika ohlelweni lokuhlunga bacelwa ukuba baphathe omazisi babo bese belungela ukubuzwa imibuzo ephathelene nokwenzeka eMandeni.
Isikhathi sokuqala ukubhalisa ihora lesishiyagalombili (08:00) ekuseni, bese uhlelo lonke luqale ngokugamanxa kwehora lesishiyagalolunye (09:30) ekuseni kuze kube ihora lesithathu (15:00) ntambama.
Indaba yesikhathi izoqikelelwa kakhulu njengoba wonke umuntu omodelayo ozofika sekwedlule ukugamanxa kwehora lesishiyagalolunye (09:30) ekuseni engeke amukelwe.

