OwoKhozi uthi uNgizwe kayeke ukuzenza igoso lobuZulu
KUBUKEKA kuyinkombankomba esekude ukuphela le ephehlwe ukuphawula kowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu ngodaba lwabesilisa abashade ngempelasonto edlule begqoke imvunulo yesintu.
Kulaba besilisa abebeshada omunye ubegqoke imvunulo yamaXhosa omunye efake eyamaZulu.
UNgizwe ukuhlabe wakuhlikiza ukugqoka kwalaba, akubize njengechilo ezizweni zabo. Empeleni ugxeke konke okuphathelene nabathandana benobulili obufanayo nobabo.
Baningi asebephawulile begxeka inkulumo kaNgizwe kuhlanganisa izinhlangano ezingamashoshozela alwa nokungahlonishwa nokuhlukunyezwa kwabe-LGBTIQA+ zona eseziluyise kwi-South African Human Rights Commission (SAHRC) lolu daba ngenhloso yokuthi ashushiswe uNgizwe.
Usomabhizinisi odume ngezinkulumo eziqokothile kuKhozi FM lapho ahlaziya khona izihloko ezehlukene, uMnuz. Nco Dube useshicilele umbhalo ojulile ophikisana nombono kaNgizwe ngodaba lokugqokwa kwemvunulo yesintu ikakhulu eyamaZulu.
UDube uqale ngokuthi lenkulumo kaMchunu abejivaza kuyo laba abebeshada iwukuhlasela umphakathi we-LGBTIQA+.
“Iwukuhlasela umthethosisekelo wethu futhi ibukela phansi amaseko amahle akha umphakathi waseNingizimu Afrika”, kusho uDube.
“Ukugxeka kwakhe abathandana benobulili obufanayo nobabo ngokugqoka imvunulo yamaZulu, ubehlomisa isiko ukuze kuphehleke inzondo nenhlukano”
Uthe ukuphawula kukaNgizwe kweye igugu lokuphila elakhelwe kwinhlonipho, ubuntu nokuphilisana kwabantu waliphendula ithuluzi lokubehlukanisa.
“Angeke sivumele amagoso esiko ayimfeketho ukuba alawule ukuthi ubani okufanele azibize ngoMzulu futhi akuphile kanjani ubuZulu”.
Uthe umthethosisekelo wakuleli ugcizelela isithunzi, ukulingana nenkululeko yokuzibandakanya kubo bonke abahlali, kungakhathalekile ukuthi bawubuphi ubulili futhi bakholelwa yini.
Uthe isazi samasiko uSolwazi Gugu Mazibuko wase-University of Johannesburg siyaphikisana nalenkulumo kaNgizwe ngodaba lokugqokwa kwemvunulo. Uthe yize uMazibuko ekuveza ukuthi imvunulo ithwele incazelo ezehlukene ngokweminyaka, ubulili nokuganana, kodwa ugcizelela ukuthi ezweni lentando yeningi kufanele kuhlonishwe ukuzikhethela komuntu”, kusho uDube.
USol. Mazibuko uthi: “Uma abathandana benobulili obufanayo nobabo bekhetha ukugqoka imvunulo yesintu, akumele sibahlulele”.
Ngakolunye uhlangothi uDkt. Nokuzola Mndende we-Icamagu Institute uyavumelana nong noNgizwe njengoba naye ekholwa ukuthi umshado wabathanda benobulili obufanayo nobabo ungasibo ubu-Afrika.
Lolu daba kulindeleke ukuthi luqhubeke nokuba sematheni kwazise kunethuba elikhulu lokuthi ludingidwe ezinkantolo njengoba selungenelelwe nayizinhlaka zikahulumeni.
Inkulumo ephelele kaDube ungayithola ku: wwwncodube.blog

