Iboshiwe indoda ena-66 edlwengule ingane ena-3 eLimpopo
AMAPHOYISA ambophe ngoMsombuluko wase evela enkantolo iMorebeng Magistrate’s Court owesilisa oneminyaka engu-66 emuva kokudlwengula ingane encane eneminyaka engu-3 kuphela efunda enkulisa ephethwe unkosikazi wayo.
Ngokolwazi esinalo lendoda ibisiza ukulanda nokubuyisela emakhaya izingane ezifunda kule nkulisa yomkayo. NgoLwesihlanu ingane edlwenguliwe iyishiye ekhaya sekudlule isikhathi esejwayekile.
Umbheki wengane ukuqaphelile ukuziphatha kwayo angakujwayele, kanti kuzothi ngokuhamba kwesikhathi ikhale ngobuhlungu esithweni sayo sangasese. Uyiphuthumise emtholampilo nokuyilapho okuqinisekiswe khona ukuthi idlwenguliwe.
Ishilo ingane ukuthi kwenzekeni kwase kubizwa amaphoyisa asesiteshini saseBotlokwa yaboshwa lendoda.

