Usizi u-Kelly Khumalo ebiza obaba bezingane zakhe ngezinto ezingenamsebenzi
UMCULI we-Afro pop kuleli, u-Kelly Khumalo usejoyine izinkulungwane zabesifazane ezihlale zikhala ngobaba bezingane abangazondli izingane zabo.
U-Kelly ubekhuluma kwi-Podcast ka-LTido lapho abebhoboka khona ngenselelo abhekene nayo yokondliswa izingane yedwa oyise bazo bephila.
Kule-Podcast ubexoxa ngezithinta impilo yakhe yakamuva kuhlanganisa nomculo okulindeleke ukuthi ajabulise ngawo abalandeli bakhe.
Ubuzwe u-LTido mayelana nesimo sezingane zakhe nokuthi obaba bazo bakhona yini empilweni yazo. Wathi abanamsebenzi.
“Manje awuyitholi nje imali yesondlo sezingane kubo”, kubuza u-LTido.
Wabuza u-Kelly ukuthi: “Kubani?”
“Kobaba bezingane zakho”
“Laba abanamsebenzi, bonke. Umuntu engaziyo ukuthi ukube usaphila ngabe uyayinaka ingane yakhe uSenzo. Ubezinaka izingane zakhe lowamuntu futhi hhayi eyami kuphela kodwa zonke izingane zakhe.
“Kodwa laba abanye abanamsebenzi”, kusho u-Kelly.
Kuzombuleka ukuthi u-Kelly indodana yakhe yokuqala u-Christian uyizala nomculi ophinde abe umethuli wezinhlelo kumabonakude, uMolemo “Jub Jub” Maroohanye, amadodakazi amabili okungoTingo amzala noSenzo Meyiwa obengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ongasekho kanye noLuna yena amzala nomdlali webhola oke wayibamba esiswini ku-Kaizer Chiefs, uMthokozisi Yende.
NgoMasingana (January) 2025 u-Kelly watshela intatheli yeziko lezindaba i-TimesLIVE ukuthi kunzima ukukhulisa izingane zakhe ngaphandle kobaba bazo. “Okunzima kakhulu ukukhulisa ingane yendoda ebikuhlukumeza”, kusho yena ebhekise ku-Jub Jub.

Esithombeni: U-Kelly Khumalo kwi-Podcast ka-LTido
Ngaphandle kwalokho ukhulume nangengoma yakhe entsha ayenze nomdidiyeli wezingoma ohlonishwayo, uMondli Ngcobo ethi Nyamezela. Le ngoma akungangabazeki ukuthi iphakathi kwamanoni azobe edlisa ezindaweni zobumnandi nasemsakazweni ngamaholidi kaZibandlela (December).

