U-Advocate Terry Motau uthi washiya iMadlanga Commission ngenxa yokungahleleki nenselelo yemali
EMUVA kokusula kwiMadlanga Commission emasontweni edlule kuka-Advocate Terry Motao obeyinhloko yabahola ubufakazi usegcine ezidalulile izizathu zokusula kwakhe.
UMotao uthe okumshiyise kule khomishani ukungahleleki kahle kwayo kanye nenselelo ekhona ngemali.
Ekhuluma ohlelweni lukaBongani Bingwa ku-702 ngoLwesine ekuseni uthe akashiyiswanga izinkinga zemali kuphela kodwa kuningi ukungahleleki okukhona.
“Ubukhathazekile ukuthi ungase ungakhokhelwa kahle?”, kubuza uBingwa.
“Cha, akusikho lokho. Ukwenza lomsebenzi kuyinto yokuzinikela futhi angingabazi ukuthi abanye abahola ubufakazi bazokhokhelwa imali enkulu, kodwa ngizikhulumela mina. Bengizothola enkulu nami nami kodwa obekusemqondweni wami ukuthi bekuwumsebenzi ohlukile lo”, kusho uMotao.
UMotao uqhubeke wathi enye inkinga enkulu kule khomishani ukuthi izinto azihlelekile. Imali engu-R147 million enikwe yona ibingenele neze futhi ayisondeli kwakusondela nje kumsebenzi obubamele.
Uthe umsebenzi ubumningi kakhulu nezinsiza ezidingekayo ziningi ukudlula imali efakiwe.
Indawo kaMotao ithathwe u-Advocate Matthew Chaskalson oke wasebenza kwiMarikana Commission nakwiZondo Commission.
Uthe okunzima kakhulu nabekubona kuyingozi ukuthi imali ayitshaliwe kahle ukuthi kumele yenzeni nokuyingozi nenhlekelele enkulu.
Uveze ukuthi ubengafuni kuphindeke okwenzeka kwiZondo Commission eyagcina ilokhu yenyuselwa imali kancane kancane yaze yayofika ku-R1 billion. Uthe kule khomishani kaZondo yize imali yayilokhu inyuswa kodwa kwake kwaphela izinyanga ezimbili abantu bengaholile.

