EZISEMATHENIIzindaba

Nebala uzibulele uMthethwa, kufakazisa umbiko “othembekile” wamaphoyisa ase-France

UNKOSIKAZI kalowo owayeyinxusa lakuleli e-France, uMnuz. Nathi Mthethwa uNkk. Philisiwe Buthelezi-Mthethwa uthi ulale ubuthongo okokuqala emuva kokuthola umbiko wokuqala ngophenyo olumayena nokufa komyeni wakhe kuleliyazwe.

UMthethwa utholakale eseshonile egcekeni lasehhotela i-Hyatt Regency Hotel elise-Paris ngabo-11:30 ekuseni ngoLwesibili.

Ngokusho kwamaphoyisa ifasitela legumbi abekulo beligqekeziwe, lavulwa ngenkani. Kusolwa ukuthi ugxume esuka ku-22nd floor wathanqazeka phansi nokuyilapho afe khona ujuqu.

Izigameko eziholele ekufeni kwakhe kazaziwa, kodwa kuthenjelwe embikweni ogcwele wamaphoyisa. Umbiko wesikhashana udalule ukuthi uzibulele. “Akukho okuphosela inselelo umyalezo awuthumele umkakhe”, kusho amaphoyisa.

NgoLwesibili amaphoyisa adalula ukuthi unkosikazi kaMthethwa wawafonela ewazisa ukuthi umyeni wakhe umthumele umyalezo okhathazayo. Kulo myalezo uMthethwa wayetshela umkakhe ukuthi uyaxolisa usenqume ukuthi afe ngokuzibulala.

Emuva kwalokho kube sekukhishwa amathimba ehlukene nezinja ezihogela umkhondo ukuze abhekwe, waze watholakala eseshonile ngoLwesibili.

Uhulumeni wakuleli ukhiphe isitatimende uqinisekisa ukufa kukaMthethwa oqokwe njengenxusa laluleli e-France ngoNhlolanja (February) 2024.

Imindeni owakwaMthethwa nowakwaButhelezi isikhiphe isitatimende ngokuhlanganyela, ibonga abantu bakuleli ababe nawo, ngokudlulisa imiyalezo eduduzayo ngalesikhathi esinzima ebhekene naso.

Babonge kakhulu umengameli wezwe, uMnuz. Cyril Ramaphosa nesekela lakhe uMnuz. Paul Mashatile nezinye izikhulu zikahulumeni.

Kulindeleke ukuthi kwenziwe izinhlelo zokuba kubuyiswe isidumbu sikaMthethwa eNingizimu Afrika ukuze kuqaliswe amalungiselelo omngcwabo nezinye izinhlelo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com