Limshonele umsebenzi wakwa-Home affairs obebulala abantu ebajoyinele umshwalense
ILANGA lishone emini ku-Dawn Celeste Pieterson obengumsebenzi womnyango wezasekhaya osezolinda isigwebo sakhe emuva kokulahlwa icala elibucayi lenkohlakalo.
Lona wesifazane kuvele ukuthi phakathi kweminyaka u-2019 no 2022 wayengena kwi-system yabantu abasuke bezokwenza omazisi, bese etomula noma iliphi igama nesibongo kwi-system bese efaka lowo muntu kumshwalense wakhe.
Kuzothi kungahamba isikhathi usuvuthwe kahle umshwalense bese enza isitifiketi sokufa salowo.
Ubesuka lapho eyofaka isicelo sokukhokhelwa imali kumshwalense wakhe.
Inkantolo kulindeleke ukuthi ikhiphe umyalelo wokuvalwa kwezimali ezikuma-bank account akhe ngoba ikholwa ukuthi wayithola ngobugebengu.
Uzogwetshwa ngomhlaka-26 Masingana (January) 2026 njengamanje usagqunywe estoksini

