EZISEMATHENIIzindaba

Kusolwa izinkabi esigamekweni sokudutshulwa kubulawe umuntu e-Milpark Hospital eGoli

INTATHELI yakuleli ephinde ibe isishoshovu esilwa nobugebengu, u-Yusuf Abramjee ibe ngeyokuqala ukubika ngesigameko sokudutshulwa komuntu esenzeke esibhedlela i-Milpark Hospital eGoli ngoLwesithathu ebusuku.

U-Abramjee ubhale ekhasini lakhe le-X ukuthi kube nokudubulana ngaphambi kokufa komuntu okusolwa ukuthi ungudokotela.

Le ntatheli ithe ziqinile izinsolo zokuthi bekuthengwe inkabi ukuthi iyosoconga.

Umthombo ongaphakathi esibhedlela utshele iziko lezindaba i-The Citizen ukuthi bathukile bezwa kuqhuma isibhamu kodwa akukho okunye abakubonile, yize bezwile ukuthi kunozakwabo oshonile kulesigameko.

Kwenzeka lesigameko nje, kusanda kudutshulwa usihlalo weGauteng National Taxi Association, uMnuz. Thami Moyo okwenzeke ngesonto eledlule.

UMoyo udutshulwe kuSoweto Highway abantu abebehamba ngemoto engaziwa, qede bashaya yachitha.

Kubulawa uMoyo bekusanda kubulawa ummeli u-Bouwer van Niekerk, naye owadutshulwa emahhovisi akhe e-Avonworld khona eGoli.

Inkabi eyamdubula yafaka isicelo sokubonana naye, ithe masifikile yayiswa egunjini lemihlangano nokuyilapho eyamdubulela khona wafa, qede yagcwala izinkalo.

Yena kwavela ukuthi isono sakhe kwakuwukulandela icala labadlala amabhanoyi akhulisa imali (Ponzi scheme).

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com