Uzoqinisa isikimu sakhe ngoNgcukaitobi uMalema uma eseyisa icala enkantolo yomthethosisekelo
UKHOMBISE abalandeli bakhe ukuthi uyinsimbi kayigobi umholi we-EFF, uMnuz. Julius Malema ngesikhathi ebatshela ukuthi noma engagwetshwa kodwa icala ezolidlulisela ezinkantolo ezinkulu lize lifike kweyomthethosisekelo.
Ubekhuluma kanje nabalandeli bakhe abebemlinde ngaphandle kwenkantolo, iMdantsane Magistrate’s Court ngoLwesithathu emuva kokulahlwa icala lokwephula umthetho olawula ukuphathwa kwezibhamu, i-Firearms Control Act.
UMalema ubesolwa ngokuqhumisa isibhamu emgubheni weqembu owawuseMdantshane ngo-2018 kanti unogada wakhe u-Adriaan Snyman yena ubebhekene necala lokuphatha isibhamu esingekho emthethweni kodwa watholwa emsulwa.
UMalema obezwakala enomfutho utshele abalandeli bakhe ukuthi alikho icala aboshelwa lona ngaphandle kokuthi mnyama. “Umuntu owanginika isibhamu yena kuthiwa kanacala, pho mina nginecala kanjani?”, kusho yena.
Uthe ngisho ingamgweba imantshi “enobandlulo” aboshwe lokho kuyobe kuwuphawu lokunqoba kuyena. Uthe bahlele ukulidlulisela ezinkantolo ezingaphezu kwale ebelikuyona lize lifike enkantolo yomthethosisekelo leli cala.
“Sizolanda u-Advocate Thembeka Ngcukaitobi ngoba sifuna ukufaka abantu abaqonda kahle umthetho okhulunywa ezinkantolo ezinkulu”, kusho yena.
Udaba luzoqhubeka ngomhlaka-23 Masingana (January) 2026 okuyokhishwa ngawo isigwebo.

