Imibono

Ubulili behlukene kepha sonke singabantu

SEKUSUKE omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana emuva kokubonakala kwezinsizwa ezimbili zishada ngempelasonto esiphuma kuyona. Abantu abaningi kulezinkundla baphawulile bekugxeka kakhulu lobudlelwane babantu abathandana benobulili obufanayo nobabo osekuye kubizwe nge-LGBTIQ+.

Kuma-group nasemakhasini amaningi lendaba ibisematheni, abanye begxeka abanye bezwelana nabathintekayo.

Akasalanga ngaphandle owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu kwabebegxeka lolu hlobo lwempilo. Ukhwele wadilika kuSomizi, ethi uye ofaka imfundiso embi yale mpilo.

UNgizwe uqhubeke wasola uSomizi ngokuyengela uSweet Guluva ebutabaneni, ethi okokuqala wayengameseki ngesikhathi esalwela ukuwina i-Big Brother Mzansi.

Esithombeni: U-Sweet Guluva

Umengameli wamabhinca uphinde wagxeka izinsizwa ebezishada ngempelasonto edlule ngokusebenzisa imvunulo yesintu njengoba ekubiza ngehlazo esizweni zazo ebezikwenza. Uphethe ngokuthi uSomizi akathathe isizwe sakhe ahambe kuleli.

Abanye abaphawulile, u-Dominic Zaca oyisishoshovu esilwela amalungelo omphakathi we-LGBTIQ+ nentatheli ye-Newzroom Afrika uPhila Duma obezwelana nalo mphakathi.

UZaca uyaziwa ngemibono yakhe engabheki eceleni uma kukhulunywa ngalolu hlobo lwempilo.

Abaningi baqagule ukuthi inkulumo kaNgizwe inenzondo embi futhi angase abhekane nolaka lwalo mphakathi obhekene nenzondo esabisayo, njengoba abanye bawo bebulawa ngesihluku emiphakathini.

ESIKHATHINI sakudala kwakunomehluko ocacile ukuthi kukhona ubulili obubili kuphela, owesilisa nowesifazane futhi benemisebenzi ehlukanisiwe edalelwe ubulili ngabunye njengokuthi owesilisa ubebhekana nokusebenza, ahlanze igceke, aqukule izinto ezisindayo aphinde avikele anakekele nomdeni wakhe kanti owesifazane ubhekana nemisebenzi yasendlini.

Owesilisa ubelindeleke ukuthi uyashela aqonywe ayovela ekhweni alobole aganwe, owesimame alindele owesilisa ozozibika amukele isicelo sakhe noma asichithe inqobo nje uma enze inqubosiko lokwandisa umuzi ayovuma ukukhanda ubuhlobo kuwona.

Kwakuyimfihlo okanye into eyayingandile eyabantu abanemizwa yokuthanda abanobulili obufanayo nobabo kepha kuyinto esidla ubhedu manje, yebo kukhona abasayixwaya kepha ukubona loluhlobo sekuyinto eyinsakavukela umchilo wesidwaba ngakho-ke isidingo sokubacwasa asikho manje. Umuntu akumele ahlulele kepha umdali kuphela owahlulelayo, sonke singabantu abanezifiso nezinhloso ezahlukene empilweni asoze safana ngakhoke kubalulekile ukuhlonipha, wamukele izindlela zabanye zokuphila abazikhethela zona njengoba nawe wazikhethela eyakho.

Sike salumana indlebe nomkhokheli phecelezi (groundbreaker) u-S. Masuku obambe iqhaza lokululeka aphinde aqwashishe intsha ngezimo ebhekana nazo empilweni mihla namalanga, ufakazelile kulokhu ebengikucabanga, ngikubona nalapha engihlala khona ukuthi umphakathi kanye nemindeni ibona abanomthelela omkhulu ekucwasweni kwaloluhlobo lwabantu phecelezi umphakathi we-LGBTQI+.

Umndeni usuke ulindele ukuthi njengoba uzele umfana noma intombazane kumele benze isiko mpilo ngendlela owesilisa nowesifazane okumele enze ngayo. Mesekujika lokho bayaxwaya bagcine becwasa ngezindlela eziningi ezingekho zinhle mhlampe abangazinakile kwabona, ekubeni ikhaya iyona ndawo okumele bezizwe bephephile kuyona.

Ingane ikhuliswa umphakathi siyavuma, kepha uma sekuyiwo futhi umphakathi osucwasa indlela umuntu asuke edalwe ngakhona kushiya isilonda esikhulu ngaphakathi kulowo muntu kanti nentukuthelo igcine iqongelana ngaphakathi ngenxa yokuba akavuleleki ndawo ngencindezi abhekene nayo, lokhu kungaholela ekutheni sithole umuntu esezama ukuzenzakalisa okanye elimaze omunye oseceleni uma enze iphutha lokuncokola kabi naye ngenxa yokuthi akabhodlile ngaphakathi kuningi akuthwele.

Angigqugquzeli ukuba makwande abantu abanemizwa yobulili obufanayo kepha engizama ukukuveza ukuthi bayadinga ukuba imindeni ibeseke. Umuntu onjalo ngeke nazi ubunzima abhekana nabo ngaphandle, ningaze neswele ilunga lomndeni ngenxa yokuqhakambisa isiko ninqaba nokwamukela, kanjalo nomphakathi zinkalo zonke zomhlaba masifunde ukwamukelana sibemunye. Sisezweni lenkululeko manje wonke muntu unelungelo lokuphila impilo ayifisayo ngokukhululeka ngaphandle kokusaba ukwecwaseka nokunye nokunye.

Asibe munye, sibambisane, singaxwayani sonke singabantu injabulo siyayidinga, ungabi imbangela yokuba omunye umuntu azibukele phansi.

*Lona umbono kaMthetheleli Meyiwa awubhale ngokuzimela

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com