EZISEMATHENIIzindaba

UBheki Cele wavimba uGen. Khumalo ukuthi abophe abasolwa ecaleni likaMagaqa

NGOLWESIBILI kwiMadlanga Commission kuvele ubufakazi obushaqisayo ngowayengungqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke, uMnuz. Bheki Cele.

U-Lt. Gen. Dumisani Khumalo ethula ubufakazi bakhe kule khomishani udalule ukuthi uMnuz. Cele wamyalela ukuthi angalinge abophe izikhulu zamaphoyisa zophiko lwe-crime intelligence ezazithinteka ecaleni lokubulawa kowayeyikhansela le-ANC eMzimkhulu, uMnuz. Sindiso Magaqa.

Esithombeni: USindiso Magaqa

UMagaqa owayengunobhala we-ANCYL wadutshulwa ngoNtulikazi (July) 2017 waze washona ngoMandulo (September) 2017 nokwaba isigameko esanyakazisa izwe.

Kunobufakazi okwavela kuqulwa icala lakhe ukuthi kwasetshenziswa izinsiza zikahulumeni okuhlanganisa nezimoto zamaphoyisa ngesikhathi kuhlelwa itulo lokubulawa kwakhe.

Kuthiwa amaphoyisa ophiko lwe-crime intelligence abamba iqhaza elikhulu kuleli tulo. Ngokusho kukaKhumalo, uCele wathi ukuboshwa kwezikhulu ze-crime intelligence kuzopenda isithombe ngombutho wamaphoyisa.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com