EZIKAMABONAKUDEEZISEMATHENIIzindaba

U-DJ Warras uzokwethula uhlelo oluzohlanganisa abahalelanayo nasebahlukana

EMUVA kokucwila isikhashana emehlweni omphakathi, u-Morrick “DJ Warras” Stock maduze uzobonakala kuMzansi Magic enza uhlelo oluzohlanganisa abantu abahalelanayo nababeyithandani esezahlukana.

Lolu hlelo oluzobizwa ngokuthi Ngicel’iVisa luzodlala njalo ngoLwesibili ebusuku kusukela ngomhlaka-7 Mfumfu (October) 2025.

Igama lalolu hlelo lisuselwe kwelisetshenzisa kakhulu emalokishini elithi “Visa”, elisebenza kakhulu uma umuntu efuna ukuphuma ebudlelwaneni bothando, athi ukuthatha ikhefu.

Uhlelo luzogxila kakhulu ekuhlanganiseni abantu nalaba ababafunayo kodwa bengazi bona okubizwa phecelezi nge “crush”, kuzophinde kuhlanganiswe abethanda kodwa bahlukana yize komunye uthando lusavutha amalangabi.

Luzophinde futhi lunike ithuba izithandani ukuthi zivulelane isifuba ngezinto ezisabayo ukutshela zona emehlweni. Kafushane nje usazosuka umsindo!

“Indlela oluhlele ngayo eyenze ngaluthanda lolu hlelo”, kusho u-DJ Warras.

“Besingafuni ukuthicha icala. Senze ucwaningo, sakha uhlelo oluhambisana nokufunwa abantu. Okwenzeka kwiNgicel’iVisa kungenzeka kimi nakuwe”, kusho yena.

Uthe ukwenza lolu hlelo kumhambise kakhulu futhi kwamhlanganisa nabantu abehlukene abanamasiko angefani.

“Kuningi engikufundile ngezinkinga zothando ezidalwa ukuhlukana kwamasiko abantu”, kuphetha lo-DJ oke waba umsakazi we-YFM neGagasi FM.

Akukhona okokuqala enza uhlelo kumabonakude njengoba eke wethula i-LiveAMP ne-ManCave. Uke avele futhi ku-Podcast ka MacG ethi Podcast & Chill with MacG.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com