EZEMIDLALOIzindaba

Isigwebo se-FIFA ngokudlaliswa kukaTeboho Mokoena siphazamisa iBafana eqoqweni layo

IKOMITI le-FIFA eliqondisa izigwegwe seligcine lisikhiphile isinqumo ngokudlaliswa kukaTeboho Mokoena iBafana Bafana ibhekene neLesotho emdlalweni wokuhlungela indebe yomhlaba ngomhlaka-21 March.

I-FIFA ithathe isinqumo sokujezisa elakuleli ngokuguqula umphumela womdlalo. Kulo mdlalo eyawudlala neLesotho isifana nedliwe ngamagoli amathathu eqandeni (3-0) ngokomyalelo we-FIFA.

Lenhlangano yebhola emhlabeni iphinde yayalela i-SAFA ukuthi ikhokhe imali engu-R216 466, kwase kuthi uMokoena waphunyuka ngesexwayiso.

Ngokwe-FIFA i-SAFA iphule isigaba 19 somthetho wokuqondisa ubugwegwe, kanye nesigaba 14 somthetho olawula imigomo yemincintiswano yokuhlungela indebe yomhlaba. I-SAFA inikwe izinsuku eziyishumi (10) ukudlulisa lolu daba ku-FIFA Appeals Committee uma ingagculisekile ngesigwebo esinikiwe.

Isinqumo se-FIFA sisho ukuthi iBafana Bafana seyehlile yaya endaweni yesibili eqoqweni layo, isilandela i-Benin esiyihola ngokushaya amagoli amaningi.

Nokho akukubi kakhulu ngoba iqembu lakuleli lisenalo ithuba lokuqhubekela phambili, kwazise lisazodlala neZimbabwe ne Rwanda okungamaqembu angebukhali.

Amanye amaqembu akuleli qoqo anethuba lokudlulela endebeni yomhlaba iNigeria ne Benin okusamele abhekane odwa. Okungasiza iBafana Bafana ukuthi phakathi kwawo lamaqembu kube khona elilahla amaphuzu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com