U-Oscar Mbo uthi khona abadlali elingabafanele ijezi le-Chiefs
U-DJ we-House odumile eNingizimu Afrika, u-Oscar Mbo usegxeke indlela abanye abadlali be-Kaizer Chiefs abangazimiseli ngayo enkundleni osekuholele ekungenzini kahle kwayo muva nje.
Ukhulume kanje emuva kokudliwa kwe-Chiefs iSikhukhune United ngamagoli amathathu kwelilodwa (3-1) emdlalweni we-Betway Premiership, e-FNB Stadium emasontweni edlule.
I-Chiefs iphinde yahlulwa ukuqoqa amaphuzu amathathu (3) idlala ngokulingana neMarumo United kuba igoli ngapha nangapha (1-1) ngoLwesithathu.
UMbo uveze ukudumala kwakhe ngabadlali be-Chiefs enkundleni yokuxhumana lapho athe khona inkinga kuleli qembu ayikho kumqeqeshi kodwa ikubadlali abangazimiseli futhi abangazinikeli.
“Abadlali bethu abalihloniphi uphawu, asikubeke obala lokho”, kusho yena.
“Kunabadlali abangakufanele ukugijima ngemibala ye-Chiefs. Kuyacika ukulokhu sikhala ngento efanayo neyangama-season edlule. Kuyacaca ukuthi inkinga ayikho kubaqeqeshi, kodwa ukungabi nagqozi kwabadlali”, kusho yena.
Lo-DJ uphume iqhubu nomdlali wasemuva u-Reeve Frosler emgxeka ngokuvuza emuva emdlalweni weSikhukhune United.
“U-Frosler ungiphoxile. Ububhekene nomsebenzi owodwa. Ukugxuma ukhiphe ibhola endaweni embi, uvikele indawo yakho kodwa cha ubungekho nje emdlalweni”, kusho uMbo.
Uphinde wagadla kumdlali waleli qembu oyibamba esiswini u-Gastón Sirinilo ngokwehlelwa izinga
Uthe uSirino ubalahlekisele ngomdlalo. Ubehlulwa ukuthatha izinqumo futhi akakwazi ukusebenzisana nabanye abadlali. “Kufanele uzame ukwenza kahle noma ucele ukungadlaliswa. Selokhu waba nje ufika, njalo uyathembisa kodwa umphumela esiwudingayo kunombolo 10 asiwuboni”, usho kanje.
Uqhubekile wakhala ngoMduduzi Shabalala athe naye kamboni kahle. Uthe lomdlali kufanele agunde lento ayenze ekhanda futhi akhumbule ukuthi wayekhushulwelani eqenjini elikhulu.
I-Chiefs ibidliwa okokuqala kule-season emidlalweni ye-league nokubonakale iqembu lihlukana nomqeqeshi walo uNesradine Nabi emuva kwawo lomdlalo.
Yize abalandeli abaningi bekholwa ukuthi inkinga isemaqhingeni kaNabi angasebenzi kodwa uMbo ukholwa ukuthi inkinga ikubadlali.
“Akuye umqeqeshi, abadlali abangazimiseli enkundleni”, kuphetha yena.

