Omunye obesoKhozini usehlwithwe iGagasi FM
LIYAQHUBEKA iGagasi FM nokuwola abebezwakala emsakazweni ongaphansi kwe-SABC, Ukhozi FM.
Lokhu kuza emuva kokumemezela kwalo msakazo ukuthi uSphumelele Zondi usezoba ngumethuli wohlelo iGagasi News Wrap oluzoba ne-hashtag ethi #TheGNW.
IGagasi limemezele izindaba zokwethulwa kwalolu hlelo oluzogxila kwezobuchwepheshe ngoLwesihlanu, mhlaka-26 Mandulo (September) 2025.
IGagasi News Wrap izodlala ku-YouTube channel nakwi-app yeGagasi FM njalo ngoLwesihlanu ngehora lesine (16:00) ntambama. Ngokusho kwesitatimende seGagasi FM luzogxila ekuhlaziyeni nasekwethuleni ngokujulile izindaba ezisematheni ezenzeka KwaZulu-Natali naseNingizimu Afrika yonke.
USphumelele Zondi owuqweqwe lwentatheli egqame ezinhlelweni ezehlukene ze-SABC TV ne-CNBC iphinde yezwakala isikhathi eside ezinhlelweni ezehlukene zoKhozi FM ethula izingosi zokwenzeka kamuva kwezobuchwepheshwe futhi eqwashisa abalaleli ngobugebengu nobungozi obenzeka kulo mkhakha.

