Ubuyele esikoleni owayengumdlali we-Kaizer Chiefs, uTinashe Nengomasha.
UTINASHE Nengomasha okumanje ungumphathi weqembu laseZimbabwe, iNgezi Platinum FC ubuyele esikoleni njengoba manje esenza izifundo ze-Sport Management eNelson Mandela University.
Lo mdlali waseZimbabwe obeyibamba esiswini ufike eNingizimu Afrika ngo-2022 ezodlala ku-Kaizer Chiefs eneminyaka engu-19. Udlale ibhola elisezingeni eliphezulu ezinkunzini zaseSoweto waze wabizwa ngo-“The General”.
“Ngigcina ukuba sekilasini yingenkathi ngisase-High School. Okwamanje konke kusahamba kahle. Lezifundo zingivule amehlo, zingisize ukwazi kancono nokuthuthukisa ulwazi lwami kwibhizinisi lebhola. Sifunda okuningi laphaya lokho kuzosisiza ukuthi senze kancono siphinde sazi nendima okumele siyidlale ekuphathweni kweqembu.
“Ekilasini engikulo nginabantu abakahle abanezinhliziyo ezinhle nobuntu abanye basebholeni lezinyawo abanye baku-cricket abanye basophikweni lwezindaba nakweminye imikhakha. Ulwazi mina ebenginalo elokudlala ibhola nelokuba semaqenjini ahlukene. Manje sengifunda indlela ekahle, indlela yokusebenza nendlela yokuphatha ibhola”, kusho uNengomashe.
Ngezikhathi zakhe zokudlala iningi labadlali ababedlala ngalezozikhathi bangene emkhakheni wokuqeqesha nokuhlaziya. Ukuqeqesha nokuba abahlaziyi iyonanto iningi labadlali asebethathe umhlalaphansi ekudlaleni abangena kuyona. Ngokusho kukaNengomashe abadlali asebethathe umhlalaphansi kumele bewubheke nalomkhakha wokuphathwa kwebhola.
UNengomasha uhlale ama-season angu-10 ku-Chiefs enqoba izicoco nezindondo kuhlanganisa neye-Player’s Player of the Year.

