Kuboshwe abafundi abawu-6 ngokufa komunye esikoleni
AMAPHOYISA ase-Eastern Cape abophe abafundi abangu-6 ngecala lokubulawa ngesihluku komfundi oneminyaka engu-18 esikoleni, i-Humansdorp Senior Secondary School ngoLwesibili.
Umfundi obulewe obenza ibanga le-12 ulinyazwe kanzima ngesikhathi kunengxabano emagcekeni alesikole.
Kuthe kusazanywa ukuba anikwe usizo lokuqala
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi abafundi abangu-4 kulaba baneminyaka ephakathi kuka-16 no 17 bese abawu-2 bebe na-18.
Kulindeleke ukuthi bevele enkantolo yezingane, kuhlanganisa nabadala i-Humansdorp Magistrate’s Court.
Kusaphenywa ukuthi yini eholele kulesigameko esishaqise amalungu omphakathi.

