EzosaziwayoIzindabaUmculo

USweet Guluva we-Big Brother Mzansi uthi kusazobhengwa “Mo” ngezingoma zakhe

EMUVA kokunqoba i-Big Brother Mzansi Season 5, u-Sweet Guluva waba isilomo kubantu baseNingizimu Afrika. Kuningi abechaza ngakho abalandeli kusuka endleleni abukeka ngayo, agqoka ngayo nesizotha sakhe.

Ubeyinyama kwabamaziko ezindaba abebebangisana ngaye.

Kwenye yezingxoxo abe nazo nelinye iziko lezindaba udalule ukuthi angathanda ukungena emculweni.

Uveze ukuthi uthanda iPiano, Gqom ne-Hiphop kwazise ubeyi-rapper esakhula.

Akuphelanga sikhathi esingakanani wangena e-studio, wenza ingoma no-DJ Zinhle, Nokwazi “MaDlams” Dlamini noNdloh Jnr. Leyo ngoma iphume mhlaka-6 Nhlangulana (June) 2025. Kusukela lapho ubebizwa ubuthaphuthaphu kumakhonsathi ehlukene omculo.

Esithombeni: Ikhava ye-single ka-Sweet Guluva, DJ Zinhle, Ndloh Jnr noNokwazi Dlamini

Akuphelanga lapho njengoba esephinde wabuya futhi nenye ingoma enesihloko esithi Ntekenteke athembisa ngayo “ibengas” ezindaweni zobumnandi.

Kule ngoma eyi-single u-Sweet Guluva usebenza noHalo Ngcobo no-Ayanda.

Yona izophuma ngoLwesihlanu, mhlaka-26 Mandulo (September) 2025.

“Senilungile? Sesiqalile ukubalala. Iyeza iNtekenteke kusazo bengwa mo”, kusho yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com