UKanye West uzonandisa ekhonsathini yomhlaba ezoba seGoli ngo-December
KUBE izindaba ezimnandi kubalandeli baka-Kanye West bemuzwa ememezela ukuthi uzonandisa e-Ellis Park eGoli ngomhlaka-13 Zibandlela (December) 2025.
U-West osezibiza ngo-YE ubhale ekhasini lakhe le-X azisa abalandeli bakhe ngalezindaba.
“YE bukhona eNingizimu Afrika
Johannesburg, 13 Zibandlela 2025
Ngizonandisa eNingizimu Afrika kuphela
Bhalisela ithikithi: Ticketspro.co.za”, ubhale kanje ku-X.
Akuphelanga sikhathi esingakanani bese kuphendule abalandeli abangaphezu kuka-20 000 kuhlanganisa nama-views, abanye befuna ukwazi ukuthi amathikithi atholakala kanjani.
Atholakala kanjani amathikithi alekhonsathi? Umbuzo abantu abazibuza wona lowo.
Embhalweni awufake ku-X u-YE uthe amathikithi atholakala ngokubhalisa ku: Ticketpro.co.za. Eminye imininingwane izokhishwa iMonyane Group okuyiyo ehlela ikhonsathi nabaphathi benkundla i-Ellis Park Stadium.
Iwona mcimbi osuhlonzwe njengozoba mkhulu ekhalendeni lemicimbi eNingizimu Afrika, futhi ozokwenza imali enkulu njengoba kuyiwona wodwa u-YE azonandisa kuyo e-Afrika. Abazi izinto emkhakheni womculo sebeqalile ukuqagula ukuthi ungase uphule irekhodi lokudayiswa kwamathikithi amaningi kuleli.
Abalandeli bakhombise ukuba magange ukuhambela lekhonsathi.
“Anginendaba ukuthi kuzoba imalini, ngizoba khona!”, kusho omunye umlandeli ku-X.
Kulindeleke ukuthi abakwa-Ticketspro bamemezele ukuthi amathikithi aziba imalini futhi azohlukana kanjani.

