Uhleli esicongweni Umafikizolo ku-Official SA Charts ngengoma ethi Uyoncengwa Unyoko
ILOKHU iqhubeke njalo nokugila izimanga ingoma yomculi kamaskandi, Umafikizolo ethakaselwa kakhulu kulezi nsuku ethi Uyoncengwa unyoko.
Muva nje abe-Official SA Charts bakhiphe uhlu lwezingoma ezihamba phambili ebhodini labo lezingoma ezidlalwa kakhulu kuleli. Kulolu hlu kuhamba phambili yona ingoma kaMafikizolo ethi Uyoncengwa Unyoko engunombolo-1.
Le ngoma ithandwa abancane nabadala ngenxa yokuqhamuka kukaMafikozolo nomdanso ohambisana nayo okungavamile kumaskandi.

Esithombeni: Uhlu lwezingoma ezihamba phambili ebhodini le-Official SA Charts
Isihloko sayo lengoma “Uyoncengwa Unyoko” siphendula inkulumo eqale ngokungena kocingo kufona isithandwa sobamba ucingo simala, bese eshindila ethi: “Uthi uyang’ala
Uth’ yena akasang’thandi
Uthi uyang’ala
Uth’ yena akasang’thandi
Ubon’ ukuthi ngizomncenga
Ubon’ ukuthi ngizoxolisa
Ubon’ ukuthi ngizomncenga
Ubon’ ukuthi ngizoxolisa
Ngeke ngikuncenge mina
Hheyi uyoncengwa unyoko
Ngeke ngikuncenge mina
Hheyi uyoncengwa unyoko
Yize lengoma iphume mhlaka-31 Ntulikazi (July) 2025 kodwa kodwa abaningi sebeyiqagula ukuthi izowudla umhlangano kweyengoma yonyaka eziteshini zomsakazo eziningi. Isidlule ku-10 million views ezinkundleni zomculo ezifana no-Spotify kanti futhi yenza kahle kakhulu nakwezinye eziningi ezinkulu kuleli
Ezinye izingoma ezilandela kaMafikizolo ku-Official SA Charts ethi uValo ka-Jazzworx, Thukuthela noBabalwa ft. Dlala Thukzin ekunombolo-2, yona ilandelwe ethi Bengicela eyenziwa uMaWhoo, GL_Ceejay, Thukuthela ft. Jazzoworx kunombolo-3, kuthi kunombolo-4 kube ethi Abantwana Bakho ka-DJ Maphorisa, Xduppy, Kabza De Small ft. Young Stunna & Nkosazana Daughter. Kunombolo-5 ekaDJ Jaivane, Smaki 08 no-Wesley Keys ft. De Rose ethi Lutho nezinye.
Ingoma ethi Uyoncengwa Unyoko ididiyelwe yahlanganiswa Insika Yethonga, kanti umdidiyeli wayo omkhulu uyena umculi wayo Umafikizolo. Ibhalwe uLethukuthula Madondo bese kuthi lapha ku-Acoustic Guitor intambo incinzwa uCwayimbane.

