Kuzoshubisa umbango kwedlala ngo-06:30 kusihlwa ukubuya komdlalo Isibaya ku-TV
AKUNGATSHAZWA ukuthi zifike kamnandi kubabukeli izindaba zokuthi isiteshi sikamabonakude esikhokhelwayo, i-Mnet sesizobuyisa Isibaya okuwumdlalo obuthandwa kakhulu kuleli.
Isinqumo se-Mnet kulindeleke ukuthi sishubise umbango wemidlalo engena ngo-06:30 kusihlwa kumabonakude.
Muva nje iMzansi Magic engaphansi kwe-Mnet beyinike ababukeli bayo ithuba lokuvotela imidlalo abayithandile kulesiteshi, Isibaya sathola amavoti angu-23.1% uma esehlanganiswe onke. Lokhu kwenze abakwa-Mnet banquma ukuwubuyisa lomdlalo obuyintandokazi kubantu bakuleli.
Ababukeli bavotele lomdlalo ngaphansi komkhakha wemidlalo ebe nedumela iminyaka eminingi kuMzansi Magic. Kuyaziwa-ke ukuthi Isibaya sathakaselwa kusuka siqala saze saphela.
Lona bekuwumdlalo okhuluma ngempilo yemindeni ebisebhizinisini lamatekisi futhi ebibanga. Ugxile kakhulu kwisikompilo lamaZulu nokuwenze wadonsa kakhulu ababukeli abakhuluma lolulimi futhi abayiningi eNingizimu Afrika.
“Isibaya besingaphezu kokuba umdlalo we-TV kodwa ubuyinkundla yokucobelelana ngesiko obekuboniswa kumabonakude wakuleli”, kusho u-Shirley Adonisi ongomqondisi wemidlalo yasekhaya ku-Mnet.
Uthe njengoba begubha iminyaka engu-15 yoMzansi Magic kuyabathokozisa ukubona ababukeli bejabulela imidlalo ebe ingxenye yempilo yabo. “Lo mgubho ungowabo ababukeli ababe nathi kusuka ngosuku lokuqala”, kusho yena.
Sebeqalile abalandeli balo mdlalo ukukhuluma ngeziqephu ezazibachaza futhi zidlalwa abalingisi ababathandayo abafana no-Samson Ndlovu (Bheki Mkhwane), Mpiyakhe Zungu (Siyabonga Thwala), Thandeka Zungu (Nomzano Mbatha), Sbusiso Ndlovu (Sdumo Mtshali), Mkabayi Zungu (Thembi Nyandeni) nabanye abaningi ababeqavile kulo mdlalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi abanye abalingisi balo mdlalo abafana noMenzi Ngubane (Judas Ngwenya), Andile Gumbi (Zweli Shezi), noGog’Mkhithi abasekho emhlabeni.
Isibaya siqale ukudlala kumabonakude ngomhlaka-18 Mbasa (March) 2013, sadonsa iminyaka engu-8. Kuyo yonke leminyaka sinqobe izindondo ezingaphezu kuka-50 ezihlanganisa ama-Saftas, Royalty Soupie Awards nezinye – okubeke lomdlalo eqophelweni eliphezulu kwebiboniswa kumabonakude wakuleli.
Isibaya esikhiqizwe i-The Bomb! Production sizobuya kumabonakude ngoMsombuluko, mhlaka-22 Mandulo (September) 2025 ngo-18:30 kusihlwa kuMzansi Magic.

