EZEMIDLALOEZISEMATHENIIzindaba

Ukhala ngokwakhelwa uzungu ngabebengabasizi bakhe uNabi, oxoshwe i-Chiefs

YIZE kuvele imibiko echaza ngezizathu ezingefani ngokuhlukana kwenhloko nesixhanti phakathi kwe-Kaizer Chiefs nobengumqeqeshi wayo uMohamed Nasreddine Nabi, sekuvele ukuthi e-Tunisia lapho adabuka khona uthi wakhelwe uzungu abasizi bakhe.

Lomqeqeshi kweminye imithombo yezindaba okuvele ukuthi umiswe yi-Chiefs ngenxa yokuthi akanazo izicucu zokuhlala ebhentshini emidlalweni ye-Caf, kuthiwa usola abasizi bakhe uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef ngokumhamba ngemuva.

Omunye wabaqeqeshi ozinze eTunisia kodwa ononkosikazi ohlala eNingizimu Afrika uthe uNabi ukhuluma okuhlukile e-Tunisia kunobekubikwa kuleli.

”UNabi utshela izintatheli la eTunisia ukuthi uxoshiswe ngabasizi bakhe abasola ngokumuhamba ngemuva ngesikhathi engekho.
Uthi kuningi abebekwenza ngenhloso yokumxoshisa ngesikhathi engekho esekhaya e-Tunisia yingakho evume kalula uma le kilabhu ifuna kuhlukanwe.

“Iyona ndaba edliwayo lana e-Tunisia ukuthi uhanjwe ngemuva ngabasizi bakhe”, kusho lo mqeqeshi.

Kuthuke abaningi emuva komdlalo we-Betway Premiership lapho i-Chiefs edliwe khona iSekhukhune FC ngo 3-1 kuzwakala ukuthi uNabi useyahlukana neqembu aqale ukuliqeqesha ngoNtulikazi (July) 2024.

Ngokubika kweziko lezindaba zezemidlalo, i-Soccerzone emuva komdlalo neSekhukhune lomqeqeshi wakhishwa inyumbazane, waphinde watshelwa ukuthi usexoshiwe angabe esaya koqeqesha abadlali.

Ngokombiko waleli ziko i-Chiefs imsole ngokungabi nawo amaphepha afanele okuhlala ebhentshini uma seyidlala imidlalo ye-CAF Confederation Cup.

Kuthe noma esho ukuthi usanda kuyivuselela ilayisense futhi waveza nobufakazi kwasho ukuthi sesithathiwe isinqumo ngaye.

Esikhundleni sokuba limeseke leli qembu livele lamtshela emehlweni lisazophenya ukuthi ilayisense yakhe ayisiwo yini umbombayi.

Ezinye zezinto ezenze lomqeqeshi wasola ukuthi khona abamhambe ngemuva nokwenze kwaba nzima ukuthemba abantu abaseduze kwakhe.

Yize ebuzile ukuthi ukube kanayo ngempela ilayisense wayezohlala ebhentshini leYanga FC emidlalweni ye-Caf Confederation Cup. “Uma ngingenayo ilayisense ye-Caf ngangizohlala kanjani ebhentshini leYanga FC emidlalweni ye-Caf Confederation Cup? Ngangizohlala kanjani sidlala ne-AS FAR ku-Champions League”, kubuza yena.

Kucacile ukuthi akusekho okungamhlalisa wakhetha ukuthi kuhlukwane ngokuthula.

Esitatimendeni esikhiphe ngoLwesithathu kwabezindaba uthe ukuhlukana kwakhe ne-Chiefs kube Ukuvumelana okuhle nabaphathi bayo. Waphinde wadalula ukuthi udinga isikhathi esanele sokunakekela umkakhe ongaphathekile kahle.

Uthe kunamaqembu amakhulu e-Afrika nawase-Arab amthintile, amfunayo kodwa ngeke angene ezingxoxweni okwamanje ngoba usabeke phambili ukuthatha ikhefu aphumule.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com