UKhumalo ugxeke i-SAFA ngokungaligqizi qakala iqhaza lika-Barker ebholeni lakuleli
OWAYENGUMDLALI we-Kaizer Chiefs neqembu lesizwe lakuleli, u-Doctor Khumalo usegxeke kanzima inhlanganweni yebhola i-South African Football Association (SAFA) ngokuhluleka ukuhlonipha u-Clive “The Dog” Barker.
UKhumalo uthe izwe lakuleli limenzele phansi lomqeqeshi owanqobisa iBafana Bafana i-Afcon ngo-1996.
UKhumalo ukhulume kanje emcimbini obuxhaswe i-10bet ngaphambi komdlalo weBafana Bafana neNigeria wokuhlungela imidlalo yendebe yomhlaba ngesonto eledlule.
UKhumalo wayeyingxenye yabadlali abanqoba i-Afcon futhi udlale isikhathi eside ngaphansi kuka-Barker oshone ngoZibandlela (December) 2003 eneminyaka engu-78.
U-Barker uyena mqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lezinyawo obe nempumelelo futhi okwaze ukuqopha umlando ongakaze uphulwe muntu.
Ngesikhathi sakhe iBafana Bafana ibihlezi esicongweni ohlwini lwamaqembu enza kahle ebholeni lase-Afrika kodwa akukho okwenziwe elakuleli ukumhlonipha nokuyinto ekhalisa uKhumalo.
“Akukho ngisho isichuse okanye okunye okwenza akhumbuleke”, kusho yena.
Uthe wayesondelene kakhulu no-Barker ngakho ukholwa ukuthi bahlulekile ukumhlonipha.
“Umqeqeshi osilandele inkanyezi futhi wenza isiqiniseko ukuthi sihlala phezulu e-Afrika isikhathi eside kodwa akukho enzelwe khona…ayingiphathi kahle indlela aphathwe ngayo. Simenzele phansi”, kusho uKhumalo.
Umkakhe, u-Joy Barker uke wadalula ubunzima ababhekane nabo emndenini emuva kokudlula emhlabeni kuka-Barker kuhlanganisa nesimo sokuswela izimali yize ebambe iqhaza elikhulu ukuzisa ibhola lakuleli.
Amazwi kaKhumalo ananelwe ngabaningi abakholwa ukuthi i-SAFA ayilihloniphanga ngokufanele iqhaza elibanjwe u-Barker ekuguquleni ezemidlalo kuleli, ikakhulu njengoba bebaningi abasola lenhlangano ngokuhluleka ukuphatha nokugcina umlando.

