EZEMISAKAZOIzindaba

Uvuke ngesokuba umphathi ku-Rise FM uKhoza

ISITESHI somsakazo saseMpumalanga i-Rise FM sesimemezele inkakha yomsakazi, uMakhosi Khoza njengomphathi omusha.

UKhoza unamava angangabazeki emsakazweni njengoba eseke wasakaza emisakazweni eminingi okubalwa kuyo i-Durban Youth Radio, East Coast Radio, Vuma FM, Radio 2000, 702 neGagasi FM.

Sekuke kwaba nezinkulumo ezimkhomba esiteshini saseThekwini esingaphansi kwe-SABC, Ukhozi FM njengoba belufuna umuntu ozovala isikhala somphathi wezinhlelo esavuleka kuhamba uZandile Tembe.

UKhoza ongumbhali wencwadi ethi Ngizolalela Emsakazweni uke waba umphathi wezinhlelo kuGagasi FM ngo-2019 nokuwumsebenzi angahlalanga kuwo kakhulu.

Ngesikhathi eshiya kwaba nezinsolo zokuthi ucasulwe ezinye izikhulu zalo msakazo ezigxambukela emsebenzini wakhe yize yena wathi uzishiyele ngokuthanda.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com