IzindabaUmculo

Iyakhonya kuma-charts omculo emazweni omhlaba ingoma ka-Nasty C

UYAQHUBEKA nokubaqwaqwada emakhanda abaculi be-Hiphop bakuleli u-Nasty C ohlezi phezulu kuma-charts omculo ehlukene emazweni omhlaba ngengoma yakhe ethi Free.

Lengoma iku-album ka-Nasty C entsha ayiqambe ngesihloko sayo lengoma ethi Free.

Ihlezi kunombolo 1 ku-Apple Music’s Album Chart emazweni ehlukene emhlabeni nokuyinto emenza ingqwele emculweni we-Hiphop eNingizimu Afrika.

Nakuba i-Free ikhishwe ngesonto eledlule kodwa isithakaselwa emazweni amaningi omhlaba, futhi idlise ngomculo omnandi nokuhlanganiswa ngokucophelela kwamagama adume ngakho u-Nasty C.

Kusuka e-Afrika kuya e-Europe i-Free ingenisile ezindaweni zobumnandi okuyenza ibe ngezinye zezingoma ezidla ubhedu kwezikhishwe kulonyaka.

Lapha eNingizimu Afrika i-Free yenza kahle kakhulu njengoba idlule kuma-views angu-1 million laphaya ku-Spotify ngezinsuku ezimbili nje iphumile.

Lokhu yingqophamlando emculweni we-Hiphop kuleli futhi kuwubeka ebalazweni lomhlaba. U-Nasty C akanyusi nje kuphela izinga lomculo wakhe kodwa ubeka umculo wakuleli e-stage somhlaba.

Nabalandeli bakhe abazibekile phansi ezinkundleni zokuxhumana njengoba bebhala izingoma abazithandayo kule-album futhi bebongela u-Nasty C ngokuhlabana kwakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com