Wenza ezibukwayo ku-Springbok Women okhule ekhaya lezintandane eMandeni
UKUNGAKHULI phakathi kwabazali nasekhaya elifudumele akumvimbanga u-Mary Zulu ukuthi afeze iphupho lakhe lokuvelela emdlalweni webhola lombhoxo.
UZulu okhule esikhungweni i-Blessed Gerald Children’s Home eMandeni usegijima ezinkundleni ezinkulu emhlabeni.
Udlale umdlalo wakhe wokuqala wendebe yomhlaba yabesifazane edlube ijezi le-Springbok Women bedlala ne-France ngeSonto.
Yize iqembu lakuleli ligcine liphumile kule midlalo ese-England kodwa le ntokazi eneminyaka engamashumi amabili nambili (22) idlale kahle kakhulu emdlalweni abadliwe kuwo i-France ngo 57-10 e-Northampton. Kodwa bakwazile ukushaya i-Brazil ne-Italy ukuze basondele kuma-quarter finals alemidlalo.
Ukudlala kukaZulu kulemidlalo kube isibusiso esikhulu esikhungweni i-Blessed Gerald Children’s Home eMandeni okuyiso esimkhulise kahle. njengengane yaso.
Uqale ukudlala ibhola emazingeni aphansi kuso lesi sikhungo, ngaphansi komphathi u-Hayne Clark. Udlondlobale wanyukela ezigabeni zesifundazwe nezikazwelonke.
Ngo-2022 uqokwe eqenjini lesizwe lika-under 20, njengoba egcine ebizelwa kwelikhulu kulonyaka emuva kokubonakala enza izimanga emidlalweni yamazwe ngazwe.
Imidlalo yendebe yomhlaba ibiyithuba lakhe lokuqala ukudlala ezingeni elikhulu emiqhudelwaneni yabesifazane futhi okungangabazeki ukuthi kumnike ukuzethemba okukhulu.
Noma ngabe uyanqoba noma uyadliwa kodwa into eyisiqiniseko ukuthi uZulu uzolokhu eseduze kwesikhungo sezingane akhule kuso uma engadlali.
“Ngidlalela bona, bawumndeni wami futhi bathunywe uNkulunkulu. Ngiyilokhu engiyikho ngenxa yabo”, kusho uZulu.
Iqembu lakuleli labesifazane lizodlala ne-New Zealand e-Exeter ngehora lesibili (14:00) ngoMgqibelo.

