“Wakhokhelwa ngomdlalo afuna umiswe uMagudumane” – Adv. Ngcukaitobi
UGALAGALA lommeli olumele i-Netflix, u-Advocate Thembeka Ngcukaitobi utshele inkantolo ngoLwesine ukuthi uDkt. Nandipha Magudumana wanikezwa imali ngomdlalongxoxo (documentary), i-The Beauty and the Bester asefuna umiswe isidumo.
UNgcukaitobi ubenza izethulo enkantolo iGauteng High Court esicelweni esiphuthumayo esifakwe abasolwa uNandipha noThabo Bester sokuthi kuchithwe umdlalongxoxo we-Netflix i-The Beauty and the Bester.
Bobabili laba bakhala ngokuthi lomdlalo uveza iziqephu ezehlisa isithunzi futhi ezingesilo iqiniso, okuwukuxhaphaza amalungelo abo akumthethosisekelo okuthola ubulungiswa, isithunzi nengasese okungaphazamisa icala labo.
“Kuyinto eyaziwayo ukuthi i-Netflix itshale imali ekukhiqizweni kwalo mdlalongxoxo, ikwenze lokho enolwazi futhi eyingxenye uDkt. Nandipha Magudumana. Wakhokhelwa ngokutshenziswa kwemininingwane yakhe; ngakho akwamukelekile ukuthi usengashintsha ngomzuzu wokugcina”, kusho uNgcukaitobi.
Uthe kungaba ihlaya nje uma inkantolo ingavimba ukusakazwa komdlalongxoxo osuvele unolwazi olukhona emphakathini.
“Umdlalongxoxo i-The Beauty and the Bester wenzelwe elwazini oluvele seludaluliwe. Uqukethe imininingwane esinesikhathi isemphakathini njengoba kunezintatheli ebeziluphenya zilubike lolu daba, liyaqhubeka nasenkantolo, kuyakhulunywa ngalo ephalamende, abamajele bayaphawula ngalo kanye nasezinkundleni zokuxhumana”, kusho uNgcukaitobi
“Izinsolo zokuthi u-Bester wazama ukuzenza ofile ejele, ukweqa eMangaung Correctional Centre ngoNhlaba 2022 nokuboshwa kukaDkt. Nandipha Magudumana eTanzania ngo-2023 kubikwe kakhulu ngakho amaziko ehlukene ezindaba, singabala i-GroundUp, News24 ne eNCA futhi kunencwadi esikhishiwe nomdlalo.
“Le mibiko isivezwe iminyaka emibili yonke, kuhlanganisa nezingxoxo, ukuputshuka kwemininingwane yasejele, ukuphenya kwekomiti lasephalamende, izitatimende ebezenziwa abasebenzi basejele”.
Ephendula ekutheni u-Bester noMagudumane abakaze benikwe ithuba lokuphawula ngalo mdlalongxoxo, uNgcukaitobi utshele inkantolo ukuthi uMagudumane wanikwa ithuba wangasho lutho, wasethi u-Bester yena kanalo lelo lungelo ngokomthetho wakuleli.
“Akanalo ilungelo lokwenza lokho ngokomthetho waseNingizimu Afrika u-Bester”, kusho yena.
U-Bester ubegwetshwe udilikajele ejele laseMangaung ngamacala amabili; elokubulala nelokudlwengula ngesikhathi ezama ukweqa esizwa uMagadumane ngo-2022.
Kusolwa ukuthi laba bobabili bashisa isidumbu sika-Katlego Bereng Mpholo, benza sengathi bekuwu-Bester obesha waze wafa ejele.
NgoNdasa 2023 lezithandani ziboshwe e-Arusha eTanzania sezeqile eNingizimu Afrika.
Icala labo eliqulwa e-Bloemfontein High Court kulindeleke ukuthi liqale ngesonto elizayo.
Isinqumo ngesicelo esiphuthumayo esifakwe u-Bester noMagudumane sizokhishwa ngoLwesihlanu, mhlaka-12 Mandulo (September) 2025 ngokugamanxa kwehora lesishiyagalombili (08:30) ekuseni okuzobe sekusele imizuzu engamashumi amathathu (30) ukuthi iwuboniswe okokuqala lomdlalo i-Netflix.

