EZEMIDLALOIzindaba

URamovic udalule okwenze wadedela uMayo aye kwi-Chiefs

UKHANYISA Mayo wamukelwe ngemfudumalo abadlali, ithimba labaqeqeshi nabaphathi beqembu i-Kaizer Chiefs, e-Kaizer Chiefs Village ngoLwesihlanu.

Obengumqeqeshi wakhe ku-CR Belouizdad, u-Sead Ramovic oke waqeqesha i-TS Galaxy uthe akangabazi ukuthi uzothola ithuba elanele lokudlala ku-Chiefs. Ubekhuluma neziko elibhala ezemidlalo i-Soccer Laduma lapho edalule khona ngokumenze wamdedela ukuthi aye kuBafana basePhefeni.

“UMayo ungumgadli osezingeni eliphezulu futhi oziphethe ngobuqotho, ngiyazi mina ukuthi wonke umdlali udinga ukuba sendaweni ezomenza akwazi ukufika lapho afuna khona” kusho uRamovic.

“Kithina ubengeke alithole ithuba elanele lokudlala. Njengomgadli ngeke ukhule uma ungekho umyakazo owenzayo futhi ungenakho ukuzethemba”, kusho uRamovic.

Uthe uyazi ukuthi ku-Chiefs uzolithola lelo thuba. “Ingakho ngimkhululile ngoba ngiyazi ukuthi lokhu kuzombeka esicongweni“.

“Njengomqeqeshi, umsebenzi wami ukuthatha izinqumo ezinika inhlonipho umsebenzi wabadlali futhi ngibe ngiqikelela ukuthi iqembu liya phambili. Ngikholwa ukuthi lokhu kuyisixazululo esizosiza izinhlangothi zombili”, kusho yena.

Uqhubeke wathi uyazi ukuthi ngeke kube lula njengoba kuningi okuzolindeleka kuyena kanjalo nengcindezi.

“Ungumdlali onakho konke okungamenza avelele. Ekugcineni ithalente livula iminyango, kodwa umqondo iwona okulawulayo ukuthi uhlale yini lapho. Uma ezokwazi ukumelana nengcindezi, unethuba lonke lokwenza kahle”, kusho yena.

UMayo ujoyine i-CR Belouizdad esuka ku-Cape Town City ngaphambi kokuqala kwi-season ka-2024/25. Emidlalweni engamashumi amane nanye (41) ayidlale kuyo yonke imincintiswano ku-leage yase-Algeria, ushaye amagoli ayisithupha (6).

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com