EzosaziwayoIzindaba

UNaledi Aphiwe ujatshuliswa ukulungisa umuzi wakubo ena-19 kuphela

UMCULI wakuleli ophinde abe ngumbhali wezingoma, uNaledi Aphiwe usezwakalise ukuthi uyafa injabulo emuva kokulungisela abazali bakhe ikhaya labo, okuyinto ehlula ontanga bakhe.

Lomculi oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) udalule lokhu emakhasini akhe ku-TikTok naku-Instagram lapho abefake khona i-video enomuzi abewulungisa.

Kule-video kuvela ubukhazikhazi bekhishi likanokusho negumbi lokuphumula elakhiwe ngendlela yesimanje.

Le-video ibihambisana nombhalo obuthi: “Sengililungisile ikhaya, ngiyaziqhenya kakhulu ngami. Ngiyintombi enkulu, eyenza izinto ezinkulu”.

Engeza uthe usazoqhubeka nokwenza izinguquko ekhaya lakubo.

“Ngicela niqhubeke nokungeseka, ngizokwenza umehluko omkhulu ekhaya. Bengingeke ngikwenze lokhu ukube beningangeseki”, kusho uNaledi.

Lentokazi ephuthole umatikuletsheni ngonyaka odlule ingene emculweni emuva kokuba isihlabani saphesheya, u-Chris Brown ebone i-video yakhe ecula.

Uchazekile u-Chris Brown ngesikhathi ebona le-video wancoma izwi likaNaledi. Kuthe emuva konyaka wammema ukuthi abe ingxenye ye-album yakhe ebizwa nge 11:11 engomeni ethi Shooter.

Ngale ngoma ethi Shooter uthole imali engu-$3000 (R56 207) yama-royalties, nokuyinto eshintshe impilo yakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com