EZIKAQEDISIZUNGUEZISEMATHENIIzindaba

Izingqwele zigxishe ngakuPhumlani zithela inhlabathi ephalishini likaSisanda

USUKU nosuku alukho olwamahhala ekhasini lika-Facebook elibizwa ngokuthi IziNgqwele Zabathandi bakaMaskandi, njengoba abantu ababhala kulo lungapheli usuku bengamtalabhanga uSisanda Dube.

USisanda uyintombi kaPhumlani, futhi into yabo ike yathakaselwa kakhulu isanda kuqala yize abanye bebengahambisani nayo.

Noma kunjalo lezi zithandani bezilokhu zifaka izithombe nama-video zindawonye futhi zitetemuka zigcwele injabulo.

Njengazo zonke izinkinga zobudlelwano bothando kunezikhawu uSisanda noPhumlani abebeke befake imibhalo ku-Facebook ngokuhlukana kucace ukuthi ishiphelene kodwa kubuye kudlule.

Abantu abaningi bamgxekile uPhumlani ngokusondeza uSisanda empilweni yakhe, bethi bona bebemthanda esenza ama-video edlala nogogo.

Esithombeni: Umbhalo ozwelana noPhumlani Gumede ekhasini IziNgqwele Zabathandi bakaMaskandi

Muva nje ekhasini lika-Facebook elibizwa ngokuthi IziNgqwele Zabathandi bakaMaskandi elakhelwe ukucekela phansi okuteketiswa ngokuthi “Ukuthela inhlabathi ephalishini” abantu bakhwela bayadilika kuSisanda, okunye abakushoyo kuhlasimulisa umzimba.

IziNgqwele Zabathandi bakaMaskandi zisola uSisanda ngokuzilobola, ukukhipha isisu nokukhuleliswa uzakwabo asebenza naye nokunye okuningi okuhlazayo. Okunye okuvelile ukuthi abubuhle ubudlelwane phakathi kwalaba bobabili, futhi kukhonjwa uSisanda ngenjumbane.

Esithombeni: Yiso lesi isithombe esisuke ukukhuluma lapho uSisanda Dube eshuthe emi nozakwabo emsebenzini

Kuzo zonke lezinkulumo uSisanda naye akazibeki phansi, uyaziphendulela. Kodwa ngeke kushiwo okufanayo ngoPhumlani ongakaze athi vu ngabasina bezibethela entombini yakhe.

Esithombeni: Umbhalo ogxibha uSisanda Dube ekhasini IziNgqwele Zabathandi bakaMaskandi

Komunye umbhalo we-Facebook uSisanda usole uPhumlani ngokuwuhlaba inhlali ebe eyocwa ekubeni yena ehlezi evuka inja ebomvu emlwelwa.

“Ngimkhulumelani umuntu wakhona..ngize ngibanjwe amalimi kodwa mina mabengikhuluma kulama-group ezingqwele uthul’ engathi akekho ngathi kushoniwe kodwa mina ngabe nje.. shuthi umuntu umuntu emhlabeni”, kusho uSisanda.

Akuphelanga noPhumlani wabhala ekhasini lakhe lika-Facebook ethi: “Ngazitshela ukuthi ngeke ngiphendule muntu ongikhuluma kabi okanye okhuluma kabi umuntu engizwana naye…. Nawe uyakhumbula akaze ngiphendule nanoyedwa umuntu kuleya group and ngayi block angiwaboni ama post akho noma ngabe kuthiwa ngiyawabona ngeke ngiphendule ngoba kofana nokuthi ngilwa impi engenascoco”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com