EZISEMATHENIIzindaba

Libulale umfanyana ona-18 lazibulala nalo iphoyisa ebelivalele abantu endlini

LIZIDUBULE lafa iphoyisa elingu-constable emuva kokubulala umfanyana oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili (18) ngezintatha zangoLwesithathu esigamekweni lapho belithumbe khona abantu ababili (2) emzini oseMamelodi, enyakatho yePitoli.

Imizamo yamaphoyisa akwazi ukusiza ezimeni ezinje ayiphumelelanga njengoba ehlulekile ukuxoxisana naleli phoyisa eligcine lidedele unina kuphela ophuthunyiswe esibhedlela.

UThapelo Mashigo (32) obesebenzela esiteshini sase-Boschkop ungene embuthweni wamaphoyisa ngo-2019.

Umkhuzi wamaphoyisa esifundeni saseTshwane, u-Major General Samuel Thine uthe: “Abaxoxi bebesaxoxisana nephoyisa ukuthi liphume endlini. Kuthe sebesondela endlini, bezwa kuqhuma kabili isibhamu base bephuthuma bengena ngaphakathi, bafica iphoyisa selizidubule lafa.

“Uzibulele. Kutholwe nesidumbu somfana oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili (18) sinamanxeba okudutshulwa”.

UMKHAYA uthole ukuthi ngaphambi kokuthi lizidubule leli phoyisa lifonelwe intatheli yeziko lezindaba, i-Newzroom Afrika ngenhloso yokuzwa umsuka wesenzo salo. Kubikwa ukuthi lithe lifuna abezindaba bengene ngaphakathi bezoliqopha likhuluma ngoba lifuna ukudalula imfihlo ebelifihlelwe yona ilaba ebelibathumbile kuhlanganisa nodadewalo.

Nokho kugcine kungenzekanga lokho.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com