Amaphoyisa akhala ngeminyaka yabasolwa abafe e-Chartsworth
AMAPHOYISA aweneme ngendlela abancane ngayo abasolwa abahlanu (5) abazithole bebhekene nolaka lwawo e-Chartsworth ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Colonel Robert Netshiunda uthe abasolwa abahlanu ababulawe amaphoyisa abantu okumele ngabe basesikoleni ngendlela abancane ngayo.
“Kumele ngabe abantu abasesikoleni, abafundayo laba. Sikholwa ukuthi baphakathi kweminyaka eyishumi nesikhombisa (17) nengamashumi amabili (20)”, kusho uNetsiunda.
U-Colonel Netshiunda ukhulume kanje emuva kokuba amaphoyisa edubule, kwafa abasolwa abahlanu e-Chartsworth ngoMsombuluko.
UNetshiunda uthe laba bebefunelwa uxhaxha lwamacala ahlanganisa ukubulala, ukugqekezwa kwimizi, ukugwamanda inkokhelo nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
“Lamacala enziwe elokishini laseMpumalanga, Mariannhill, KwaNdengezi naseMsunduzi”, kusho uNetshiunda.
Uthe ezobunhloli ziholele amaphoyisa endaweni abebecashe kuyona abasolwa emijondolo yase-Pump House.
“Ngesikhathi anaphoyisa ememeza ukuthi asekhona, bavele bawadubula ngoyaba lwezinhlamvu kwase kudutshulwana. Kungakapheli sikhathi esingakanani amaphoyisa abeselahle phansi abahlanu. Alikho iphoyisa elilimele kulesi gameko”,, kusho uNetshiunda.
Kutholwe izibhamu ezintathu endaweni kubasolwa, esinye sazo bekungesokuzakhela.

